UMLINGISI osanda kubonakala emdlalweni wakwi-etv, iDurban Gen, uMawuena Geyevu, ubonge inkampani ekhiqiza lo mdlalo, iStained Glass TV, ngethuba athi limfundise okungaphezu kokulingisa. Le ntokazi ilingisa indawo ye-slay queen esibizwa ngoNelisiwe Miya kulo mdlalo.
UMawuena (28), ongowokuzalwa oBombo, eMkhuze, uthe nakuba ebengaqali ukulingisa ngeDurban Gen, njengoba eseke wabonakala emidlalweni enjengeThe Encounter, BreakUp, Broken neminye - kodwa ujabule kakhulu ngakufunde kulo mdlalo osuya ngasemaphethelweni.
“Ngiqale ukuqopha kuwona ngo-Okthoba nyakenye, ngaqala ukubonakala kuwona ngesonto eledlule. Nakuba kubuhlungu ukuthi ngiwujoyine usuya emaphethelweni kodwa ngijabule ngokuningi engikufunde kuwona.
“Okungichaze kakhulu kuwona wukugaba kwawo ngabalingisi abanamava nabasebasha njengami, okwenze ngacosha okuningi kubo njengesiZulu ebengingasazi kahle hle ngoba ngiyiSwati,” kuchaza uMawuena.
Lo mlingisi, ongaphansi kwe-International Model’s Agency ezinze eThekwini, uthe njengeningi labanye abalingisi, naye uhlela ukuqhubeka ahambele izinhlolokhono zemidlalo ehlukene ukuze aqhubeke nokwenza kahle kule ndima.
“Ukuthola ithuba lokulingisa kwiDurban Gen kungikhuthaze kakhulu ukuqhubeka nokuzikhandla ngomsebenzi wami ukuze ngizolokhu ngikhule njalo kwezokulingisa.
“Okwamanje ngiqopha emdlalweni osihloko sithi The Edge ozokhonjiswa kwi-YouTube.
Ngaphandle kwalokho, esinye sezifiso zami ezinkulu wukusebenza noSindi Dlathu noConnie Ferguson, izinkakha zabalingisi engikhule ngikhuthazwa wumsebenzi wazo omuhle,” kuphetha uMawuena oneziqu zeMasters kwiPublic Management and Economics azithola eDUT.