UMHLELI weDurban Jazz Festival, uMdu Ngcobo, uthi kuzocaca maphakathi nonyaka ozayo ukuthi umcimbi wabo uzobuyela yini eHazelmere Damnoma uzothuthela kwenye indawo.
UNgcobo ukusho lokhu izolo ngemuva kokuphothulwa komcimbi obungoMsombuluko waze waphela ekuseni izolo.
Uthe njengoba umcimbi usuphelile nje, bazokwenza imibiko echaza ukuthi izinto zihambe kanjani, bese beqala ngezinhlelo zangonyaka ozayo.
“Ikhona esingakwazi wukuthi sizobuyela yini edamini noma sizofuna elinye. Sizwe sengathi kungenzeka ligcwaliswe amanzi ngoMashi kulo nyaka esiya kuwo. Ukugcwaliswa kwalo kusho ukuthi ayikho indawo esizokwenza kuyo umcimbi,” kusho uNgcobo.
Uthe enye indawo eseduze kwedamu incane, okwenza kube nzima ukuyisebenzisa ngoba umcimbi uthanyelwa yizinkumbi zabantu.
Ubonge abantu abaqungele imvula ebiliyidliva usuku lonke kodwa baphuma ngobuningi ukuthamela umcimbi.
“Siyabonga kubantu abaqungele imvula. Sithembe ukuthi kubajabulisile ukuthi abaculi ebesibathembisile bacule bonke, kwadanswa kwaze kwashaya u-6 ekuseni,” kusho yena.
Phakathi kwabaculi abebenandisa kubalwa uThandiswa Mazwai omeme uMadala Kunene wacula naye, Mandisi Dyantyis, Bongeziwe Mabandla, Zahara, Mondli Ngcobo, nabanye abaningi.
Kuhlonishwe abaculi abangasekho, okubalwa kubo uRobbie Malinga, Hugh Masekela, Jonas Gwangwa nabanye. Ibhendi iTutti Grooves idlale izingoma zabofuthi uZahara noNaima Kay bacula izingoma abazenza noRobbie.