SEBEMENYEZELWE osaziwayo abazophatha uhlelo nabaculi abazonandisa kumaSouth African Music Awards (SAMA) azoba seSun Arena, ePitioli, ebusuku namhlanje.
Kuwona kuphinde kwadalulwa nosaziwayo abazokwethulwa izindondo.
Izolo emini kuqale ngokuthi kudedelwe nohlu lwabaculi abawine emzuliswaneni wokuqala wale miklomelo. Okudale ukuthi basheshe badedelwe abawinile kungenxa yokuthi amaSama anikwe ubusuku obubodwa eSun Arena kanti ngokujwayelekile kuvamise ukuthi abe yizinsuku ezimbili. Ngobusuku bokuqala kuba nomcimbi wokumemezela uhlu lwabawinile eminxeni efakwa esigabeni sokuqala, kodwa lo mcimbi awubanga khona kwase kudedelwa abawinile ezinkundleni zokuxhumana.
UKhuzani ungomunye wabawinile emunxeni weBest Maskandi Album nge-albhamu yakhe Umqhele neThawula.
Kwabazophatha uhlelo emcimbini wanamhlanje ebusuku uDJ Sabby "The Best Thing Ever" Mtshali noNomalanga "The Flame" Shozi.
Kukhaphethi obomvu abazobe bephethe uhlelo umlingisi woMkhokha: The Curse, uHope Mbhele nowoZalo uThuthuka Mthembu.
Kwabazokwethula izindondo kubalwa u-Ayanda MVP Mdluli, Chymamusique, Celeste Ntuli, Criselda Kananda, Demi Lee, Eloise Cupido, Happy Ngidi, Jessica Nkosi, JR, Kabelo Mabalane, Lala Tuku, Loyiso Bala, Ms Cosmo Nothemba Madumo, Nomcebo Zikode noT GrandMaster Ready D.
Ukwengeza ebumnandini bale miklomelo kuzonandisa nabaculi okukhona kubona oMakhadzi, Alter Ego, Tumelo.Za, Msaki, Kabza De Small, Mörda, Sincerely Ann, Blxckie, 25K noLoatinover Pounds ukukha phezulu.
Kuzophinde kuhlonishwe ngokukhethekile osaziwayo abangasekho emhlabeni. Lolo hlelo luzoholwa ngengoma ezoculwa wuLanga Mavuso, The Jesus Collective noWouter Kellerman.
Kwabanesifiso sokuya kulo mcimbi asekhona amathikithi atholakala ngo-R200 ajwayelekile eComputicket.
AmaSama azosakazwa bukhoma kusuka ngo-8 ebusuku kuSABC1 namhlanje.