KULINDELEKE izinguquko ezinqala kulo nyaka emcimbini iGoduka Music Festival, ezoba ngoDisemba 3, eMlaza, eKing Zwelithini Stadium.
Umhleli walo mcimbi ophinde abe ngusomahlaya, uPastror Mjosty, uveze ukuthi bakhethe ukuletha abaculi bemikhakha ehlukene ukujabulisa abalandeli balo mcimbi.
“Ngokujwayelekile, bekugcwala abaculi bakamaskandi kulo mcimbi nembinjana yabanye abaculi abacula o-Afro pop nekwaito. Kodwa kulo nyaka uma uwazi umcimbi owaziwa ngeMacufe, sihlele ukuthi kube yinto ekanjalo ukuze abantu bahambe bethokozile futhi sikwazi nokudonsa olunye uhlobo lwabantu abangakaze babe yingxenye yalo mcimbi. Sijabule kakhulu ngezinguquko ezikhona kulo mcimbi, siyathemba ukuthi abantu bazozithakasela baphume ngobuningi babo,” kusho uMjosty.
Uveze ukuthi bahlele ukuthi umcimbi usheshe uqale ukuze bakwazi ukufaka bonke abaculi abanabo kungabi bikho mculi ozongabonakali esiteji.
“Isikhathi enye yezinto esishayayo kakhulu. Ngakho wonke umculi esizomethula ngesonto elizayo kubalandeli balo mcimbi, uzobonakala esiteji. Umcimbi sifuna uhambe ngokuthula kuze kube sekugcineni. Amathikithi azoba uR100 kuthi iVIP ibe uR500,” kuchaza yena.
Kwenzeka lokhu nje, uMjosty ungomunye wabalingisi abazobonakala emdlalweni omusha othi UZulu Nomhlaba ozoqala kuMzansi Magic ngenyanga ezayo.