LISHONE elayizolo kuchwaza ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuthi umsakazo Ukhozi FM, umemezele uhla lwamaculo ayishumi asembangweni womncintiswano weNgoma Ehlukanisa Unyaka.
Izingoma ezingu-10 zimenyezelwe wumphathi wezokumaketha uLwazi Mthabela ohlelweni lukaTshatha noSelby Mkhize izolo ntambama.
Uthe imingenelo ihlungwe ngabacwaningi mabhuku abazimele bona abathantinga lutho kangangokuba uhla lwabaqokiwe uqale ukulubona.
Kudalulwe ukuthi umculi wengoma ehlukanisa unyaka uzowina i-VW Polo Vivo Life, ebiza uR288 500
Ngonyaka odlule kwahlukanisa ingoma ethi Umjolo Lowo kaKhuzani apike kuyo uLuve Dubazane.
Ingoma kaMthandeni SK apike kuyo uLwah Ndlunkulu ethi Paris yalala isibili.
Muva nje uKhuzani usanda kuphumela obala ngokuthi ngeke ephinde ayingenele imincintiswano yoKhozi ngoba ekhala ngokucindezelwa ngowayengumphathi wesiteshi osanda kuhlukana nomsakazo, uSbongi Ngcobo.
NgoNovemba 1, kuvulelwe ukuthi abalaleli bathumele amaSMS anezingoma abafuna ukuhlukanisa ngazo futhi ukuvota kuvalwe ngoNovemba 15. Abasebenzi boKhozi nabo bakhethe ezabo kwaphinde kwabhekwa nokuthi ingoma iyadlala yini emsakazweni.
Ngesikhathi bethula umncintiswano wanonyaka, umphathi wezokukhangisa esiteshini uLwazi Mthabela wathi, ingoma ukuze ibe ethubeni lokuba kwi-Top 10 kumele ivele ohlwini lwabalaleli, olwabasakazi kanjalo nolokudlalwa esiteshini.
Ingoma kumele kube ngephume phakathi kukaJanuwari 1, no-Okthoba 24, nonyaka.
Ukuvota kuvulwe ngo-12 ezintatha namhlanje kanti kuzovalwa ngo-12 emini ngoDisemba 31. Ukuvota uthumela igama lengoma nohlamvu lwengoma oyikhethayo ku-35615. I-SMS ibiza uR1.50. Ingoma ewinile imenyezelwa ngo-12 ebusuku ngalo lolo suku.
Izingoma ezisembangweni yilezi:
A. Woodblock DJs – Skuta Baba
B. Thokozani Langa – Thokoza
C. Mthandeni SK ft Mawhoo – Gucci
D. Allen ft Big Zulu, Charlotte Lyf & Master KG- Unobuhle
E. Malungelo ft Rethabile Khumalo, Nokwazi & DJ ALE - Uyavela
F. Malini – Uthunyelwe abadala
G. Mjolisi ft Mnqobi Yazo- My Dululu
H. Black Major – Sdakiwe Sbali
I. Andile KaMajola – Liphakanyisiwe
J. Zintle Kwaaiman feat. Mpumi & TorQue MuziQ - Sabela
Ukumenyezelwa kwezingoma kushiye abantu bekhuluma.
U-Alex is King ubhale ku-X ukuthi azikho izingoma zamapiano wathi alikho iqiniso.
Ufakazelwe wuSamantha Mlambo othe sekucacile ukuthi ngeke bawulalele lo msakazo nonyaka.
KuFacebook abanye bese beqalile besho izingoma abajatshuliswe wukuzibona ngesikhathi abanye bekhala ngohla.