BASAZOQHUBEKA nokuthwala kanzima abagibeli abasebenzisa amatekisi ahamba amabanga amade KwaZulu-Natal njengoba singenele osukwini lwesine isiteleka sawo.
Osomatekisi bathi basalinde uMnyango wezokuThutha esifundazweni ngezikhalo zabo njengoba kusaqhubeka umdonsiswano wezimvume nokuboshwa kwezimoto zabo nguShanela.
Isiteleka esiqale ngoLwesihlanu sishiye inqwaba yabagibeli isele dengwane.
Abanye abagibeli bakhale ngokuthi baphuthwe izinto ezibalulekile obekumele bazenze.
Abanye bekulindeleke ukuthi baye kwizinhlolokhono, emingcwabeni nakwezinye izindawo, kodwa bagcina bengahambanga ngenxa yokungabibikho kwezimoto.
USihlalo we-Durban Long Distance Taxi Association, uMnuz Bhekisisa Nzuza, utshele Isolezwe ukuthi balinde abomnyango ukuthi bayafika yini ukuzobhunga ngalolu daba olusezithebeni.
"Lokhu abakhala ngakho abathi asikuqoqe ukuze sithole izimvume, sihlezi sikwenza. Siyazihambisa izinto kodwa singakutholi esisuke sikulindile. Njengoba sitelekile nje bathi asiqoqe wona amaphepha afanelekile, kodwa namanje azikaze ziphume izimvume. Njengoba sisalinde izimvume, uMphathiswa woMnyango uDuma (Siboniso) ukhipha amaphoyisa athi awayobopha izimoto zethu," kusho uNzuza.
Uthe umnyango awubuye kuhlalwe phansi kuxoxiswane.
"Umphathiswa wazivumela yena ukuthi umnyango wakhe usephutheni. Umthetho uthi uma imoto uyibopha kumele uyinike ithikithi, kubhalwe ukuthi yikuphi okungekho emthethweni ekuphulile, uma umuntu engawulandeli lowo mthetho, kube sekukhishwa amaphoyisa ayobopha.“
Uthe isinqumo sokuthi bateleke saphuma esithangamini ababenaso eShowe ngoLwesithathu olwedlule.
Uqhube wathi akusiwona usoseshini wase-Durban Station owaphuma naleso sinqumo kodwa kwaba inhlanganisela yososeshini nosomatekisi abalwa nale nkinga.
Okhulumela uDuma, uMnuz Ndabezinhle Sibiya, ekhuluma ne-SABC, uthe zikhona izimvume zamatekisi ezingalandiwe.
"Ngo-Okthoba sikhiphe uhlu sicela ukuthi kulandwe izimvume. Ngingasho ngingananazi ukuthi zingu-5 000 izimvume ezingalandiwe emnyangweni. Kusezandleni zabamatekisi ukuthi balandele umthetho," kusho uSibiya.
Uthe njengomnyango abanaso isizathu sokusenga ezimithiyo mayelana nalolu daba.
"Kunezikhulu zamatekisi ezisebenzisa umzila osuka eThekwini uya eGoli, nosuka eGoli uza eThekwini esezicele ukuhlangana nomphathiswa ngoba ziyaziqhelisa nalesi siteleka. Umphathiswa uphinde wahlangana nenhlangano eyengamele amatekisi i-Santaco, badingida kabanzi ngezinkinga ezithinta le mboni," usho kanje.
Uthe iwindi lokufaka izicelo zezimvume livuliwe.
Ubalule ukuthi izikhulu zamatekisi kumele zifike ne-PRDP yomshayeli wetekisi, isitifiketi esikhombisa ukuthi itekisi ikulungele ukuba semgwaqweni, i-log book kanye nemvume yaserenki eqhamuka kumasipala ukuze bathole izimvume zabo.