BABIKA usizi abashayeli bamatekisi ahamba amabanga amade eThekwini njengoba sekuphele izinsuku ezine bengasebenzi ngenxa yesiteleka.
Umdonsiswano phakathi kwezikhulu ze-Durban Long Distance Taxi Association noMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal usuthathe isikhathi njengoba lo soseshini ukhala ngokuthi bayazifaka izicelo zezimvume kodwa bangazitholi futhi noShanela uyaqhubeka nokubopha izimoto zabo.
UMnuz Syanda Mkhize oshayelela umzila osuka eThekwini uye KwaNongoma uthe: “Kunzima, njengoba singasebenzi-nje asiholi. Lezi zinsuku zikaDisemba nathi sisuke sesizitshelile ukuthi izinsuku zethu esizozihlanganisela ngazo ngoba sihola kancane,” kusho uMkhize.
Uthe akazi ukuthi umndeni wakhe uzodlani ngamaholidi kaDisemba.
“Njengoba sihleli nje sitelekile vele ngeke sithole lutho. Okubuhlungu ukuthi kulimala thina uma sekuboshwe imoto ungasasebenzi. Kodwa njengoba sekukulesi sigaba sekonakele kakhulu kithina ngoba besizitshela ukuthi kuzoba izinsuku ezincane, okusicacelayo ukuthi nasemakhaya ngeke kudliwe,” usho kanje.
UMnuz Sifiso Maphumulo oshayelela umzila osuka eThekwini uye eGoli uthe: “Izingane zethu zilambile, ekhaya asazi zizodlani, inkinga yilesi siteleka. Ngiyazama ukubanekela isimo ngokwenzekayo.”
Omunye umshayeli, uMnuz Sbusiso Mfeka uthe balimele ngokungasebenzi kodwa ngeke bakukhalele ukulimala kwesikhashana. Uthe into ebashayayo ukuthi bayahlukumezeka emgwaqweni behlukunyezwa amaphoyisa. Uthe abantu abagcina bebalayishile bafika sekudlule isikhathi lapho beya khona.
UMfeka uthe ukuthenjiswa kwezikhulu izimvume zijike zingaphumi kufaka bona enkingeni njengabashayeli ngoba bagcina sebethukwa abagibeli. Uthe njengoba behleli kubuhlungu futhi balambile kodwa kungcono bahlale kunokuthi balayishe bebe bevele bezoboshwa.