BAPHITHENE amakhanda abazali bosana olunezinyanga ezine, oluthunjwe ngamadoda amabili angaziwa emva kokugasela emjondolo wabo eBottlebrush, eChatsworth, bekhala ngokuthi bakweletwa imali “nguyise”.
Unina kaThingoluhle Shozi (othunjiwe), uNksz Londeka Shozi, uthe ngaphambi kokuthi kuthunjwe indodakazi yakhe, kuqale kwafika abesilisa, abangqongqoze emnyango, bazibuzisa uSimphiwe.
Lesi sehlakalo senzeke ngoLwesine ebusuku.
“Angizange ngivule, ngilandulile ngingaphakathi ngathi angimazi uSimphiwe, base beyahamba,” kusho uNksz Shozi.
Uthe kuphele isikhashana, walungiselela ukulala nawo womabili amadodakazi akhe, ethunjiwe nenye eneminyaka emine.
“Kufike ubuthongo, ngezwa kukhona onyakazisa isicabha, samuntu ovulayo. Ngivulile ngisebuthongweni ngizitshela ukuthi sekubuya uyise wabantwana kodwa ngathi uma ngibona ingalo ngaqaphela ukuthi akuyena, ngazama ukuphusha isicabha. Akuzange kusize ngoba bavele basidudula ngamandla, bangena ngaphakathi,” usho kanje.
Uthe sebengaphakathi, yize bebekhanyise ngeselula, ukwazile ukubona ukuthi oyedwa uhlome ngesibhamu futhi abazigqokile izigqoko ezifihla ubuso.
“Ubelokhu engitshela ukuthi ufuna imali yakhe kubaba womntwana, uNjabulo. Bengithi uma ngizama ukuchaza ukuthi ubaba womntwana akusiye uNjabulo, angisabise ngokuthi uzongidubula. Ugcine ethi uNjabulo akoshayela ucingo uSphe, amtshele ukuthi imali isilungile, bese ema nayo emgwaqweni ngezikhathi zasekuseni (ngoLwesihlanu).Uthe uzobe eseyithola ke ingane uma esekhokha imali,” kusho uNksz Shozi.
Uthe akakwazanga nokubuza ukuthi imalini yona leyo ekweletwayo njengoba bebelokhu bemsabisa ngesibhamu.
Udalule ukuthi bashiye bembophe yonke indawo, baze bambopha ngisho nomlomo nge-sello tape, eze yaqaqwa uye uyise wengane uMnuz Lwazi Zungu ofike ngabo-10 ebusuku, ebuya emsebenzini.
Uthe usola ukuthi abantu abazibuzise uSimphiwe nabathathe indodakazi yakhe abantu ababodwa.
Uqhube wathi usola ukuthi baphambanise izinkomishi uma bethatha indodakazi yakhe ngoba uyise akusiye uNjabulo.
“Akukho muntu amkweleta imali, akekho nomuntu amaziyo okuthiwa uSphe,” kunezela uNksz Shozi othe unesiqiniseko salokhu ngoba akukho angakwazi ngoyise womntwana wakhe.
UZungu naye ekhuluma neSolezwe, uthe ushaqekile ngoba akakweleti muntu.
“Uma kwenzekile ngaxakeka, ngiye ngiboleke komakhelwane bethu. Angisiye nomuntu okhonze umsindo, ngaleyo ndlela anginazo izitha okungathiwa zifuna ukungizwisa ubuhlungu,” kusho uZungu.
Uthe bezwe ngabantu bendawo ukuthi emva kokuthatha ingane, abasolwa ebebezihambela kahle, bengasolisi.
Kuthiwa bahambe bayongena etekisini eyayimi ngaphesheya komgwaqo maqede yakhala amaphepha.
Bathe bayafisa indodakazi yabo ibuye iphephile njengoba lesi sehlo singaphezu kwamandla abo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseChatsworth, avule icala lokuthumba kulandela isigameko sokuthunjwa kwengane enezinyanga ezine.
Uthe bathole umbiko wokuthi owesifazane ubelele namadodakazi akhe amabili emjondolo osemgwaqweni u-Link ngoLwesine, wezwa kukhona umuntu ovula umnyango.
“Kungene amadoda amabili, enye yawo ihlome ngesibhamu. Bamvale amehlo, base bethatha ingane ngenkani, bahamba,” kusho uNetshiunda.