IZOTHATHA izinqumo ezinzima i-ANC ngekusasa labaholi bale nhlangano KwaZulu-Natal, njengoba amanye amagatsha kulesi sifundazwe efaniswe nento engekho.
Abaholi bale nhlangano esifundazweni bafaniswe nabantu abahamba ngemoto iToyota Conquest ekubeni kudingeka imoto egijimayo iFerrari.
Lokhu kushiwo nguNobhala Jikelele wale nhlangano uMnuz Fikile Mbalula, ekhuluma nabezindaba izolo, emuva komhlangano wekomiti elibhekele ukusebenza kwansuku zonke kwale nhlangano eGoli.
UMbalula uthe isinqumo ngokuthi bazokwenzenjani ngobuholi baseKZN, sizothathwa emhlangangweni wangesonto elizayo waleli komiti.
Uthe ikomiti lizobe seliphakamisa ekomitini eliphezulu lale nhlangano, ngokuthi kumele kwenzekenjani ngobuholi baseKZN nobaseGauteng.
“Sizothatha izinqumo ezinzima ngoba sakha kabusha inhlangano. Okusetafuleni ukuthi sibuhlakaze ubuholi base-KZN naseGauteng noma sibuqinise noma senze izinguquko ebuholini,” kusho uMbalula.
Uthe eKZN balahlekelwe wuMasipala omkhulu iTheku, kanjalo neMoses Mabhida, okusingenye sezifunda ezinkulu zale nhlangano.
“Awukwazi ukuthi ungathi izinto zihamba kahle ekubeni okhethweni eKZN i-ANC ibhaxabulwe yathola u-17%. Ungathini nje uthole lesi sibalo esincane kanje? Yinto engaqhathaniseki nezinye izifundazwe ezehlelwe wukwesekwa eKZN naseGauteng, silahlekelwe amandla,” kuqhuba uMbalula.
Uthe nabo bewubuholi bukazwelonke bavuma ukuthi izinto zibe ngaphezu kokwenza njengoba le nhlangano yehlelwa ukwesekwa.
“Udaba lweqembu likaZuma (Mnuz Jacob) i-MK, ibe nomthelela ekutheni kwehle ukwesekwa. Kodwa akusona kuphela lesi sizathu esenze lokhu. Sikhulumile namagatsha e-KZN njengoba sike saya khona izikhawu ezehlukene, siyazi kwenzakalani. Sekulula manje ukuthi sithathe isinqumo ngekusasa labaholi baseKZN. Asizoncenga muntu ngoba esikwenzayo ukwakha kabusha i-ANC eKZN naseGauteng.”
Uthe isinqumo abazosithatha ngalezi zifundazwe bazimisele ukusivikela kuze kuphele ihlandla labo lokuphatha kule nhlangano.
UMbalula uveze ukuthi ubatshelile abaholi baseKZN ukuthi bathule du, bangathi vu, nguyena ozokhuluma ngezinqumo ezithathiwe.
“Imina ozokhuluma ngezinqumo ezithathiwe, abanye bazisiwe ukuthi bangathi vu. Umuntu oyophambana nalo myalelo uyozibona ukuthi ufana nobani,” kusho uMbalula.
Uthe labo abebecabanga ukuthi izolo bekumele kuphume isinqumo ngekusasa lobuholi base-KZN naseGauteng, bekuyinto ebisezingqondweni zabo.
“Kumele ngaphambi kokuthatha izinqumo ulandele imigudu efanele. Kodwa engingakusho ukuthi i-ANC izobuya isinamandla kakhulu ngoba ukuhlehla kwenqama kusuke kuwukolanda amandla.”
Mayelana ne-SACP ememezele ukuthi izongenela ukhetho ngayodwana, uthe le nhlangano ibazisile wathi abaphikisani nesinqumo sayo, wathi basazoxoxa nayo ngonyaka ozayo ngalolu daba.