UMDLALO weshashalazi okuthatha ukubeke ngempilo yesishoshovu somzabalazo esingasekho, uLilian Ngoyi, uyaqala ukukhonjiswa ePlayhouse Drama Theatre, eThekwini kusukela ngo-Ephreli 26. Lo msebenzi, osihloko sithi Iqhawekazi, ubhalwe futhi waqondiswa ngokuhlanganyela yizingwazi zemidlalo yethelevishini, uVusi Shashu noThabani Mahlobo.
Echaza uShashu weDedicated Artists Cultural Arts Organisation uthe umdlalo uxoxa kabanzi ngomlando kaMam’Ngoyi njengeqhawekazi elazinikela emzabalazweni wokulwa nobandlululo nengcindezelo. “Ngaphandle kodaba lukaNgoyi, lo mdlalo ubuye udingide nezindaba zamanje ezifana nobubha, ukuntuleka kwemisebenzi, ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, ukusetshenziswa kwezidakamizwa nobugebengu.
Uphinde ucacise ngokucwasa ngokobuhlanga nokuhlukunyezwa kwabasebenzi.” UShashu, obelingisa kwiDurban Gen, uthe lo mdlalo uqhathanisa inkululeko yabantu baseNingizimu Afrika abayijabulelayo namuhla nesikhathi sobandlululo.
“Ugcizelela nokuthi inkululeko isho ukuthini ngempela. Kunabalingisi abanamakhono akhethekile, okuhlanganisa nabadlali ababili abake badlala ezinhlelweni zethelevishini ezidumile njengoZalo, iMbewu, neDurban Gen. Umdlalo uthakwe nezinkondlo noomculo oqhululwa yibhendi nemidanso eyahlukene.”
Uthe umdlalo kawugcini nje ngokujabulisa abantu kodwa ubuye ufundise futhi uqwashise abantu. “Unikeza imibono yokuthi abantu bangayithokozela kanjani inkululeko eyalwelwa uNgoyi namanye amaqhawe namaqhawekazi. Le nhlangano inethemba lokuthi izokhumbula lezi zingqalabutho ngalo mdlalo, iphinde igqugquzele abantu, okubalwa nabakhubazekile ukuthi basebenzisane nohulumeni ukuthuthukisa umnotho wezwe.”
UMam’Ngoyi, ongomunye wabasunguli bomfelandawonye wezinyunyana iFederation of South African Women (FEDSAW), wazalwa ngoSepthemba 1911, wadlula emhlabeni ngoMashi 1980. Eqhuba uShashu uthe emuva komdlalo kuzoba nohlelo olukhuthazayo okuhloswe ngalo ukunika ithemba labo okungenzeka ukuthi balahlekelwe yilo. Le nhlangano ihlela ukucaphuna incwadi ebhalwe yisikhulumi sezinkulumo ezakhayo, uPat Mesiti. Umdlalo uzoba sePlayhouse ngo-Ephreli 26 ngo-2 ntambama nango-6.30 ebusuku. Uphinde ngo-Ephreli 27 kuya ku-29 ngo-2 ntambama nango-6.30 ebusuku bese imbenge iphethwa ngo-Ephreli 30 ngo-3 ntambama.
Amathikithi atholakala ePlayhouse naseShoprite. Amasonto, izikole, nezinhlangano zomphakathi namaqembu angabekisa indawo yokuzobukela umdlalo ngokuthinta uShashu ku-061 121 8252.