AMAQEMBU aseMgungundlovu akhonye emkhakheni weNgoma Yezinsizwa kwathi awaseThekwini abangongqoshishilizi eNgomeni YesiKhuze kumqhudelwano wengoma yasePlayhouse obubanjelwe eCurries Fountain Stadium, eThekwini namhlanje.
Iqembu, Ezasendlunkulu, liqwaqwade wonke amaqembu ebeliqhathwe nawo emunxeni weNgoma Yezinsizwa. Isibili sithathwe ngelinye laseMgungundlovu, Abafana Bembube kwathi isithathu kwaba Ofeleba. Amaqembu angalibonanga elidlalayo kulo mkhakha ngaMalangabi Cultural Group aseMthwalume, Umoya Obandayo waseMthwalume naMajuba Adlukhetho aKwaXimba.
ENgomeni yeSikhuze kuwine Indlondlo Emnyama yaseMangabazini, kwathi Ingoma YakaShozi eMbumbulu yaphuma isibili. Ifu Elimnyama, okuyiqembu laKwaMakhutha, lilale isithathu.
IDuduzabantu yaseMdumezulu, iNdindiza yaseMphandwini naMaqhawe aKwaMakhutha babuyele ekhaya belambatha.
KuMzansi kuhambe phambili Umthambo Wendlovu waseMangweni. Isibili siphunywe wuNkonka Obomvu waseHostela laKwaMashu kwathi isithathu salalwa yiSibani Production saseMlazi. Amaqembu angalibonanga elidlalayo wuMhlangandlovu waKwaMaphumulo, iSouth African Jingle yaseMlazi neNgwenya Production yaKwaSanti.
Iqembu labesifazane laseMgungundlovu, i-Asakhe, likhale lamuka nonombolo 1 kwiSigekle. Omama Boxolo baseMaphephetheni baphume isibili kwathi indawo yesithathu yalalwa yiShosholoza yaseMgungundlovu. Ubuhle Bomkhambathi baKwaXimba, Izigi Zabafazi zaseMajuba neMasibemunye Ma-Afrika yaseMkhanyakude babuyele emakhaya beshwiba izandla.
ENgomeni Yezintombi kuphume phambili Izigi Zomdabu zaseMgungundlovu kwathi ezithendeni zazo kwahlala Oqhawekazi baKwaMashu. Isithathu siphunywe yiZintombi Zosizo zaseMajuba. Amaqembu angalibonanga elidlalayo yiKusasa Elihle laKwaMafunze, iMtimande yaseMajuba neZimbali Zasembo zaseNcome.
KwiNdlamu, i-Osizweni Theatre Production iqumbe phansi ngengcuphe omkhaya bayo baseNewcastle, Ingqayizivele kaMahlaba wodumo kwathi Ifisokuhle yaseNondweni yaphuma isithathu. AmaZebra aseNtuzuma, Amabhubesi Zulu Dancers neNdlunkulu yasoLundi ngamaqembu akhale ngaphansi okwentshebe yaKwaMashu.
Kumunxa obubhekwe ngamehlo abomvu, okunguShameni, kuphume ngembobo yenaliti iShanela yasoThukela. Leli qembu belimpintshwe kabi yiZinyoni Zomhlanga zasoThukela kwathi isithathu kwaba wuThulilwezinyathi zasoLundi. Amashiyakukhalwa Entertainers aKwaXimba, Amatholamnyama asoLundi noShikishi lwasoThukela ngamaqembu abuyele emakhanda eshwiba izandla kuleli qoqo.
Uhlelo lomcimbi beluphethwe wuJuba Special owake walunguza kuKhozi FM nomculi kamaskandi, uVumile Mngoma.
Phakathi kosaziwayo ebebehambele lomcimbi kubalwa umlingisi woZalo, uScrewdriver, Mfundisi uMbatha, Martin Ziqubu; umsakazi woKhozi FM, uNkosinathi Mshengu nomculi kamaskandi uGadlabethithiza Nxumalo.