Kuhlonishwe umakadebona womhleli wemicimbi, uMdu Ngcobo, kwi-Offramp Experience edonse izinsuku yasongwa ngempelasonto, ePort Shepstone.
I-Offramp Experience bekungokwesibili ikhona futhi ihlanganisa imicimbi eyahlukene.
Ivulwe ngomqhudelwano webhola nowokudoba ngoJuni 23. Kuphinde kwaba nekhonsathi lomculo wokholo, kwathi ngoLwesine olwedlule kwaba nesidlo sasebusuku sokwakha ubudlelwano kubantu abahlukene lapho bekunandisa khona uMbuso Khoza, Sbo da Poet noFelix Hlophe. Bekukhona uMphathiswa omusha wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula.
NgoLwesihlanu kuvukwe kwaqwalwa izintaba KwaXolo Caves ngaphambi kokuthi ebusuku kube neBlock Party oGu Sports and Leisure Centre. Bekunandisa uZee Nxumalo, DJ Happy Gal, Andy X nabanye abaningi.
NgoMgqibelo bekune-Offramp Music Festival kubhazabhaza wetende elisaqhugwane i-dome khona oGu Sports and Leisure Centre.
Okuqaphelekile wukuthi ezokuphepha beziqinile ngoba ubuqala ukuhlolwa usekude ukuthi unawo yini amathikithi nokuthi izikhali awuziphethe. Noma usondela bekukhona abanye abebephinde bahlolisise.
Ngaphakathi indawo yokupaka ibihlelekile kunabaqaphi. Ngaphakathi amakhaza bekuwumlando ngoba bekufakwe nokokufudumala.
Bekunandisa abaculi noDJ abahlukene okubalwa kubo uMondli Ngcobo, Mthunzi, Naima Kay, DJ Bruce nabanye. Uhlelo beluphethwe ngumlingisi uHope Mbhele nabanye.
UMdu Ngcobo, ongumhleli wemicimbi okubalwa kuyo iDurban Jazz Festival futhi aphinde abe nesitebele somculo iTouch Africa Records ephethe uNaima Kay, uhlonishwe ngesitifiketi.
Umsunguli we-Offramp Experience uSiya Msomi, uthe bakhethe ukumhlonipha esaphila ngoba kuningi abakufunde kuye.
Uthe uNgcobo, ongaphumelelanga emcimbini, ufana nevulandlela kulo mkhakha wokuhlela imicimbi eKZN.
“Okuningi esikwaziyo sakufunda kuye. Wangifundisa ukubekezela ukuthi noma isimo singaba sibi kangakanani kodwa uma unothando lwento, Qhubeka,” kusho uSiya.
UNgcobo ubonge ukuhlonishwa wathi kusho lukhulu kuye wafisela noSiya ukuthi umcimbi wakhe udlondlobale.
“Bancane abantu abake batshengise ukubonga nokuhlonipha umuntu. Ababaningi abakwazi ukwenza lokho usaphila ngakho uNomndayi nethimba lakhe ngibethulela isigqoko. Ngiyabonga. Kukhulu kakhulu lokhu abakwenzile kimi ngisaziphilela ngisadla anhlamvana. Ukuhlonishwa usaphila yinto engandele bani. Dankie, siyabonga!” kusho uNgcobo.
USiya uthe umcimbi wonke uhambe kahle futhi ukhombisa ukukhula uma uqhathaniswa nangonyaka odlule.
“Kuningi esikufundayo futhi imibono yabantu siyayemukela ngoba umcimbi ngowabo. Okuhle wukuthi izibalo zabawuhambelayo ziya ngokunyuka nokukhombisa ukukhula nokuthi usazoqhubeka ukhule. Njengamanje sizobuyekeza esikwenze kulo nyaka bese siyaqala sihlelela owangonyaka ozayo ngoba nakanjani uyabuya,” kuphetha uSiya.