Uthole ucingo oluphuma kuBucie Nkomo ngemuva kweminyaka engazelele umdidiyeli owamvunbulula, uDemor Sikhosana oseqale phansi usebenza nale ntokazi.
UDemor, owagqama eqenjini iShana noShoba (owayenguShota) noBlack Coffee phambilini, waziwa ngokuvumbulula ikhono kuBucie benza naye izingoma ezashisa izikhotha.
Phakathi kwazo kubalwa eyamgqamisa iNgicel’indoda ngo-2007.
“Ngagcina ukusebenza noBucie eminyakeni engu-10 eyedlule. Uzokhumbula ukuthi wamemezela ukuthi usathi ukuma kancane emculweni. Ngithole ucingo oluvela kuye ethi uma ngingenankinga, angathanda ukuthi sisebenze. Uyakholelwa endleleni esasisebenza ngayo phambilini nokuzwana kwethu estudio,” kusho uDemor.
Uthe lolo cingo luholele ekutheni benze ingoma kaBucie entsha iFaithful. Kuyona uDemor uthe usebenze nabadidiyeli abasha basenkampanini yakhe okungoKay SA, Taffy Da Don noWunda.
“Laba ngabadidiyeli engisebenza nabo manje uma sididiyela izingoma zabanye abantu noma senza umculo wethu omusha. Njengamanje ngiqedela i-albhamu yami ephelele ngisebenza nabo laba badidiyeli. Empeleni sekunesikhashana siyisebenza kodwa besilinde isikhathi esifanele. Ngizoyikhipha ngoSepthemba okwamanje bengikhipha izingoma ezihamba ngazodwa. Kuyona ngihlanganise abadala nabasha. UBucie ukhona kuyo, kukhona uProfessor noZakes Bantwini. Abanye ngizocela ukubagodla, ngifihle induku emqubeni,” kuchaza uDemor.
Uthe yize ukukhipha izingoma ezihamba ngazodwa kuyikho okwenziwa ngabaculi abaningi kodwa usakholelwa ekukhipheni i-albhamu ephelele.
“Kudala sikhona thina endimeni yomculo futhi uyaye ube nomculo omningi ohleli. Nezitayela zomculo ziyashintsha ngakho uma unomculo kungcono uvele uwukhiphe wonke. Uma abantu beyithanda into yakho bazokweseka.”