KULINDELEKE ukuthi udonse amehlo umcimbi walo nyaka Uvukile Gospel Festival , ozoba ngoMashi 31, enkundleni yezemidlalo Ugu Sports and Leisure, ePort Shepstone.
Izinhlelo zendumezulu yomcimbi nonyaka zihlanganisa nokukhunjulwa komunye wabahleli bawo u-Irvin Sihlophe, oshone ngonyaka odlule.
UPastor Mjosty ohlela ifestiveli nonyaka, udalule ukuthi bafuna umcimbi ube yindumezulu yingakho bekhethe amaciko anohlonze kwezomculo wokholo nalawo angakaze abeyingxenye yefestiveli phambilini.
“USihlophe uyohlala esezinhliziyweni zethu, yingakho kulo nyaka sifuna abantu bahambe bebambe ongezansi ngoba siphethe abaculi abahlukene futhi abanegama. Abaculi okukhona kubo uDr Tumi, Sipho Makhabane, Hlengiwe Mhlaba, Thina Zungu, Kholeka bezoba yingxenye yawo kulo nyaka. Abanye sebake baba khona kuwo kodwa abanye bazobe beqala nokuyinto ejabulisayo njengoba iminyaka ilokhu ihamba,” kusho uMjosty.
Uqhube wathi okunye abakwenzile ukumema abefundisi abahlukene abazobe bethula izinkulumo futhi bekhuthaza abantu ngesimo sempilo esikhona ezweni esiphila kulo.
“Ithemba yilona elidingekayo manje kubantu bakithi, ngakho sizoba nezinceku eziqhamuka emabandleni ahlukene ezizofika zizosikhuthaza zibuyise nethemba. Nabantu abangeke baye ezinkonzweni zephasika nabo siyabanxusa ukuthi babe yingxenye yomcimbi njengoba amazwi ayisikhombisa kuzoba khona isikhathi lapha ezofundwa khona,” kuchaza uPastor.
Udalule nokuthi ngehora lokukhumbula uSihlophe, bahlele ukuthi kube nguJumbo ozocula mculi futhi ajabulise abantu kulo. efestivelini.
Abanye abaculi abazonandisa emcimbini kubalwa uMalusi Mbokazi, Pastor Ncanda, Andile KaMajola, Sgwili, Gah Ndlela, Tender Mavundla, Vuma Zion nabanye.
UMjosty uthe umcimbi uzoqala ngehora lesibili ntambama kanti amathikithi aseyatholakala kwaShoprite, Checkers, naseSpar kusuka kuR140 kuya kuR500.