BAQALILE ukutheleka eThekwini izolo abaculi baphesheya abazonandisa kwiKZN International Jazz Day Festival ezoba seThe Station Urban Event Space, eThekwini, kusasa.
Umhleli womcimbi obechichima yinjabulo, u-Atlas Duma, uthe wusuku olukhulu kubo ukwamukela abaculi baphesheya.
Umculi otheleke izolo nguYayoi Ikawa waseJapan. URichard Bona wase-United States of America bekulindeleke ukuthi afike ngo-4.30 ntambama.
“Kusasa (namhlanje) kuzobe sekuwusuku lokuzilungiselela bahlole imisindo khona eThe Station. ISagiya Foundation, ibambisene noMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke, izobe seyenza wonke amalungiselelo. Ngiyaziqhenya ukuthi ngisho ukuthi yonke into imi ngomumo,” kusho u-Atlas
Uthe abantu kumele bazilungiselele futhi bathenge amathikithi ngoba ahamba ubuthaphuthaphu futhi azophela maduze.
Uthe abanye abaculi bazotheleka kusasa.
Abaculi abazobe beboshelwe kulo mcimbi nguNduduzo Makhathini, Mbuso Khoza, Umkhumbane Jazz Ensemble, Selaelo Selota, Xolisa Dlamini, Zawadi Yamungu, Mthobisi Mthalane, Bongani Nkwanyana, Demi Fernandez, Neil Gonsalves, Nibs van der Spuy nabanye.
Umcimbi uzoqala ngo-3 ntambama.
Amathikithi adayisa eWebtickets ngoR350 bese kuthi iVIP ibe nguR1 000.