SELUMENYEZELWE usuku lweMpucuzeko Maskandi Festival, ezoba sePeople’s Park, eMoses Mabhisa ngo-Agasti 12.
Omunye wabahleli balo mcimbi, uXolani Mcineka, uthe umcimbi walo nyaka owokugubha iminyaka engu-10 iMpucuzeko yasungulwa.
“Sisazoba nesithangami sabezindaba okuzovezwa kusona zonke izinhlelo zalo nyaka.
Esikuhlelile ukuthi umcimbi walo nyaka ugxile emgubhweni. Ngeke sibe nabo abazocula bukhoma ngoba sizobe songa isikhathi. Kubaculi abazoba yingxenye yomcimbi kuba yiBack Tracking nokucula ngeCD.
Lokho sikwenze ngenhloso yokonga isikhathi ngenxa yokuthi ukucula bukhoma kudinga isikhathi esiningi. Asifuni ukona umuzwa wokuthi siyagubha ngokuthi kubuye kumosheke isikhathi kuhlanganiswa izinsimbi okwenzeka uma kuculwa bukhoma,” kusho uMcineka.
Uthe kuzoba ngokokuqala selokhu iMpucuzeko Maskandi Festival yabakhona ukuthi kungaculwa bukhoma. Ngonyaka ozayo uthe luzobakhona uhlelo lokuthi kuculwe bukhoma.
Kuningi athe kuzokwenzeka njengoba kukhona nabazokwenzela abalandeli bomculo kamaskandi, bebonga ukuthi balokhu bethembekile njalo ngokuhambela lo mcimbi. Uthe kuzobe kufinywa ngendololwane kudliwa nekhekhe ngosuku lomcimbi.
Amathikithi awo uthe azoqala ukudayisa ekupheleni kwale nyanga ngo-R200 eTicket Pro. Uthe izobe ikhona nendawo yezicukuthwane kodwa konke bazokumemezela kahle uma sebekhipha izinhlelo zomcimbi.