BASHAYA amakhala ngohlelo lokuqashwa kwamaphoyisa kaMasipala weTheku, kuvela izinsolo ngonobhala okuthiwa unesandla ekuqashweni kwezihlobo nabazana nobhululu bakhe.
Isikhalo ngonobhala ophikweni lwe-ANC eThekwini, (esinalo igama lakhe) sivele emva kokusabalala kwesithombe somndeni wakhe, ujabulela ukuqashwa kwamalungu amathathu ohlelweni lwamaphoyisa obelwethulwa yiMeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba kuleli sonto.
Kulo masipala kusanda kuqashwa amaphoyisa angu-500.
Ngokusho komthombo waseHambanathi, oThongathi, ezihlotsheni zikanobhala eziqashiwe kukhona ingane kamfowabo, ekadadewabo nekankosikazi kamfowabo.
Ulandisa ngalokhu umthombo uthe emndenini kanobhala, oke waba yikhansela lendawo iminyaka ngeminyaka, akuqali ukuthi kuhlomule isihlobo embuthweni wamaphoyisa kaMasipala weTheku.
“Eminyakeni eminingi edlule kwaqashwa umagcino wakubo. Nakuba yaba khona imibuzo nangaleso sikhathi kodwa akufananga namanje lapho okuvele kwahlala obala, kuhlomula amalungu omndeni amathathu kanyekanye,” kusho umthombo.
Uqhube wathi kakade kulo mndeni, wonke amalungu akhona “anenhlanhla” yokuthola umsebenzi kulo masipala.
Okunye ukukhuluma okusuke ngonobhala ezinkundleni zokuxhumana, kuvukuzwe wumbhalo ofakwe uNkk Mamane Xulu wakwa-D KwaMashu, owayeyikhansela.
Naye ubefake isithombe sesihlobo sakhe esiyishaye yaphelela eyombutho wamaphoyisa kaMasipala weTheku, wase ebonga unobhala.
“Mzukulu wami ngiyabonga kakhulu kunobhala. Ngithi uThixo akangigcinele wena, awubhekanga okuningi. Ngeke ngikukhohlwe ngiyokuthanda imihla yonke yokuphila kwami ngomzukulu wami,” kusho umbhalo kaNkk Xulu.
Uqhube wathi kufanele (yena nonobhala) bazikhiphe bayodla isidlo sasemini maduze.
“Mina ngiyakwazi ukubonga umuntu nobhala wami,” kusaqhubeka umbhalo.
UNkk Xulu ubuye wawususa lo mbhalo.
Ezinkundleni zokuxhumana baphawulile abantu ngalokhu.
USbusiso Mthembu uthe: “Ngoba njalo igenge kasihlalo ibuye ibhayize, usebongelani manje esidlangaleni?”
UBongani Cthole uthe iNingizimu Afrika iyifilimu, ngibone nesidudla obonayo ukuthi ngeke sigijime ngisho u-10 meters.
USizoh Zwane uthe: “Kukhona usisi odla amathenda kwi-ANC ngimbone ebongela intombazane eyisihlobo sakhe ethi buka amandla kaKhongolose yila ngibone khona ukuthi ingene ngokwenzelela.”
Abanye bathe kuyacaca ukuthi umuthi bewumncane kudipha ezenduna kuphela ngoba kabazi ukuthi bagajwe kanjani ohlelweni lokuqashwa.
Kuthintwa uNkk Xulu uthe akukho okungalungile okwenziwe unobhala, yena ubembonga njengoba waba wusizo eyalela ababeyobhala i-test, okukhona kubo nesihlobo sakhe (uNkk Xulu), indlela bengayazi.
“Ingane yakwenza konke okwakufanele kwenziwe, okubandakanya ukugijima nokubhala i-test oThongathi. Mina ngangimbonga ngoba uye owayegqugquzela izingane ethi aziyobhala. Izingane ezazingayazi indlela, wayeziyalela ukuthi zizofika kanjani lapho okwakubhalwa khona,” kusho uNkk Xulu.
Mayelana nokumkhipha bayodla isidlo sasemini uthe angaya kosidla ngisho nanentatheli ebimphonsa imibuzo.
“Ukuthi ngithe ngifuna siphume siyodla isidlo sasemini akusho ukuthi kukhona engimbongela khona,” usho kanje, wengeza nangokuthi umbhalo uwususile ngoba ubuvele ufakwe nguye kwasekuqaleni futhi welulekwe abantu ukuthi awususe.
UKhomishana wamaphoyisa kamasipala, uSibonelo Mchunu, ekhuluma ngalolu daba emsakazweni uKhozi FM uthe akulona iqiniso ukuthi baqasha ngenkohlakalo.
“Kuvamile ukuthi kube khona izinkulumo ezibakhona njalo uma kuqashwa kodwa akukho nesisodwa isikhalo esike siphumelele,” kusho uMchunu, othe kufanele kube nezikhalo ngoba sikhulu isibalo sabafaka izicelo kodwa bese siba yingcosana esabathathwayo.
Uqhube wathi abathi kuyagwazwa uyafisa basho ukuthi kugwazwa kuphi futhi kubani.
“Izigebengu eziningi ezilandela uhlelo lwethu, ezinye siye sizibambe. Sihlale simemezela njalo ukuthi imisebenzi kamasipala ayidayisi. Bakhona abasebenzi bakamasipala abahamba ngemuva bayofuna imali. Kufanele abantu bangakuvumi lokhu, abakubike,” kusho uMchunu.
Okhulumela amaphoyisa kaMasipala weTheku, uColonel Boysie Zungu, uthe uma abantu befaka izicelo zomsebenzi, abababuzi ukuthi bahlobene nobani.
“Akekho ohlanganisela abantu umsebenzi. Zonke izicelo siziphatha ngendlela efanayo. Bonke balandela uhlelo olulodwa. Akukho kwenzelela okwenzekile,” kusho uZungu.
Ayiphumelelanga imizamo yokuthola unobhala ngokunjalo ne-ANC eThekwini.