INGWAZI yomdidiyeli ephinde ibe nguDJ, uChristos, ithi kunenkinga enkulu ngokushoda kwabesifazane kulo mkhakha nokuyinto efuna ukuyilungisa.
UChristos ongomunye wabaqala inkampani yokuqopha, iKalawa, uthe bafuna ukwandisa abesifazane abangabadidiyeli bomculo.
“Lena akuyona inkinga yalapha eNingizimu Afrika kuphela kodwa emhlabeni jikelele. Ngike kuphele ngisho iminwe uma ngingababala. Owalapha emzansi osimele nguDesiree. Akadumile kuleli kodwa phesheya wenza izinto ezinkulu,” kusho uChristos.
UChristos uthe bazokwenza ingqungquthela yokucobelelana ngolwazi kwezomculo ezojikeleza izindawo ezahlukene. Le ngqungquthela ebizwa nge-Dance Music Industry Workshop, izoqala eThekwini, eBotanical Gardens ngoMgqibelo.
Izoqala ngo-10 ekuseni kuze kube wu-4 ntambama. Kungenwa ngoR50.
Izikhulumi ngoTill Von Sein waseGermany, Ralf Gum, uChristos, Vinny Da Vinci, DJ Ganyani, Lady Sakhe nabanye.
Kuzobe kukhulunywa ngezinkontileka, ukubhala umculo, ukudidiyela, nokunye. Kuzophinde kulalelwe nezingoma zabasafufusa.
“Esizowuthanda umculo wabo sizobathatha sibathuthukise,” kusho uChristos.
Le ngqungquthela bayenza ngokuhlanganyela nendlu yenxusa laseGermany kuleli, Gogo Music neSampra.
Inxusa laseGermany kuleli, u-Andreas Peschke, lithe ukuthuthukiswa kwabantu abasha yinto ebalulekile eNingizimu Afrika.
“Siyajabula ngokubamba iqhaza kuleli ngezingqungquthela zethu zokucobelelana ngolwazi nabanamava kwezomculo,” kusho uPeschke.
Ebusuku bazoyivala eMojos Car Wash & Shisanyama eChesterville lapho bezodlala khona bonke noKing Sfiso, June Jazzin nabanye.
Ingqungquthela izodlulela eGqeberha naseKapa.