SIBI isimo esiteshini somsakazo womphakathi iVibe FM, emva kokuthi sikhishwe eKCap ngenxa yombango wemali yokuqasha.
Isolezwe lithole ukuthi kumanje lesi siteshi sesisebenzisa indlu enamagumbi amane KwaMashu kwa-E, lapho abanye abasakazi bengakwazi ukufinyelela khona uma kusebusuku ngenxa yesimo sezokuphepha.
Kuthiwa siphinde sibe nenkinga yokuvele sinqamuke emoyeni esithubeni kusakazwa. Lokhu kuthiwa sekuze kwaphoqa nomphathi siteshi, uLucky Dlamini, ukuthi azibambele ezinye izinhlelo njengoba esengena kusuka ngo-9 ebusuku kuya ku-1 ekuseni phakathi nezinsuku.
Inkinga yokunqamuka kwaso emoyeni esithubeni kuthiwa idalwa ukuthi sisebenzisa i-Streaming okuyinto ebuye iphazanyiswe wukuhamba kukagesi nenkinga ye-Network.
Kuthintwa uLucky, uthe impela izinkinga zikhona kodwa akekho umsakazi oxoshiwe noma omisiwe njengoba naye esebuyele emoyeni.
“Abasakazi basekhona, inkinga ukuthi abakwazi ukufinyelela kalula esiteshini ebusuku. Nokudonsa kwaso kwenza kube nzima kwesinye isikhathi kodwa sesithembe uMasipala weTheku osusinike indawo entsha esizosebenzela kuyona. Sizosayina inkontileka yokusebenzisa leli bhilidi maduze noMasipala weTheku. Nalo kusazothatha isikhathi ukuthi liguqulwe lilungele ukuthi silisebenzise ngenxa yokuthi bekungelona elomsakazo.
“Engingakuqinisekisa ukuthi uma konke sekulungile isimo sizobuyela kwesijwayelekile kanti nabasakazi akekho ozoba nenkinga yokufinyelela kusona. Leli bhilidi liseduze kwayo yonke into kanti nokuya esiteshini ebusuku kuzobe kuphephile kubasakazi. Okwamanje asikakakhiphi ngisho nekheli lalapho kukhona isiteshi ngenxa yokuthi sisazosuka. Sizokhipha elisha uma sesiqalile ukusebenzela endaweni entsha,” kusho uLucky.
Uphinde wakuqinisekisa ukuthi naye usebuyele emoyeni ngenxa yesizathu sokuthi akufinyeleleki esiteshini kwabanye abasakazi. Okunye okumjabulisile ukuzwa abantu bethi isiteshi sesizwakala naseStanger okuyindawo ebesingafinyeleli kuyona. Uthe akazi noma lokho kungenxa yezinguquko zaseSantech noma yindawo esizinze kuyona manje.
Uthe ngokwenkontileka yaseSantech awukho umthetho abawuphulile ngokuthi basuke eKCap lapho ababefake isicelo ukuthi sizozinza khona isiteshi. Uthe inkontileka ibagunyaza ukuthi babe KwaMashu njengoba bengaphumile khona.
Lesi siteshi siphume kungasekuhle eKCap ngoJulayi, nonyaka, emva kombango wemali yokuqasha phakathi kwaso nabanikazi besikhungo.