UMLINGISI wemidlalo yethelevishini obaziwa ngokuba yisitufuza, ujabulela ukuncipha kwakhe njengoba encoma imiphumela yokuzehlisa kwakhe.
UGugu Gumede owagqama kuZalo nongomunye wabadlali abaphambili kwiSiphetho-Destiny ku-e.tv, uze wabhala naku-Instagram wakhe ethi “ Lo wumzuzu obalulekile ukuthi uvezwe emphakathini.”
Ufake isithombe sakhe esemncane kakhulu ngomzimba ebonga ukuthi ubemenywe abamaSafta, waphinde wabongela neCebolethu Group, ethi uyakujabulela ukuba yinxusa lale nkampani ayibona ikhula ngesivinini.
Ebuzwa uGugu ngokuncipha kwakhe ngalolu hlobo, uthe akazimisele ngokukhuluma ngesimo somzimba wakhe.
“Angikhulumi nhlobo ngami kwabezindaba. Ukube ubungibuza ngomsebenzi wami iyona into engingakwazi ukuxoxa ngayo kuphela hhayi mina. Ngenxa yokuthi besingakuhlelanga ukuthi sizoxoxa ngomsebenzi wami, uma ufisa sixoxe ngawo, ngicela ungithumelele imibuzo nge-email ngizokuphendula khona,” kusho uGugu.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engaphendulanga kodwa okuvelile ukuthi, lo mlingisi usemdlalweni omusha Umjolo- The Gone Girl, oqale izolo ukukhonjiswa kuNetflix.
Ngokwemibiko, uGugu kuthiwa ubengajabule ngokuba yistufuza okube yinto enyukelile emva kokuyeka ukuncelisa, ekhala ngokuthi kuzobeka impilo yakhe engozini ukuba mkhulu kakhulu.
Osibhincamakhasana ezinkundleni zokuxhumana baveza ukuthi ngoJanuwari nonyaka, lo mlingisi oyindodakazi yomsunguli weqembu lepolitiki ongasekho, uNkk Zanele Magwaza-Msibi, uye kokwenza i-vertical sleeve gastrectomy surgery, okuyindlela yokuncishiswa kwesisu ukuze ungakwazi ukudla kakhulu. Emva kwalokho ukwaze ukwehlisa isisindo ngo-30kg ezinyangeni ezimbili ebophe isisu.
Manje usencoma imiphumela yemisebenzi yakhe athi isicacile. Uze wafaka nesithombe sakhe egqoke ingubo yakhe esincishisiwe nayeyigqoke ezinyangeni eziyisishiyagalombili ezedlule eseyistufuza, ukuze kubonakale umehluko.
Iningi labantu nosaziwayo likujabulele ukuncipha kwakhe njengoba naku-Instagram kukhona abamncomayo. Kukhona kodwa abakuvezile ukuthi abayithandi indlela asebukeka ngayo, bebemthanda eyistufuza.