INGQALABUTHO yomxoxi wezinganekwane, uDkt Gcina Mhlophe, ikujabulele kakhulu ukuqokwa kumaDStv Content Creator Awards.
Umcimbi wokumenyezelwa kwabaqokiwe bewubanjelwe eRadisson Red Rooftop eRosebank ngoLwesine.
UGcina uqokwe emkhakheni wePodcast of the Year Award nge-African Story Magic with Gcina Mhlophe, lapho eqhathwe khona neHistory of South Africa, Popcorn & Cheese, True Crime South Africa, Wide Awake Podcast Thumb-stopping Award, Chris Rogers, Ricollin, Shandor Larenty, Stefan, Theblackwendy noWiseman Zither.
“Ngizizwa ngihloniphekile futhi ngithobeka kakhulu.” Uthe ukuqokwa kwe-podcast yakhe kusemqoka ngoba izindaba zase-Afrika zidinga konke ukuhlonishwa emhlabeni.
“Siyizwe lapho kuqala khona zonke izinto, uMama Afrika.” Abanye abakleliswe ohlwini lwabaqokiwe ngoNomzamo Mbatha, Linda Mtoba, Mpho Popps noTsietsi.
Kulo mcimbi bekukhona yonke inhlobo kasaziwayo, abemithombo yezindaba nabakhiqizi bemisebenzi ebukwa ezinkundleni zokuxhumana.
Ingu-17 iminxa okuqhudelwano ngaphansi kwayo, emihlanu izovotelwa ngumphakathi ngenhloso yokuba kube ngabalandeli abakhetha izintandokazi zabo.
Uma uvota kudingeka ungena ku-www.contentcreatorawards.co.za noma uthumele i-SMS ene-unique code yentandokazi yakho ku-33103.
Ukuvota kuvalwa ngoSepthemba 24. Umvoti onenhlanhla uzohlabana ngokunikezwa ithikithi lezicukuthwane ngosuku lokumenyezelwa kwabanqobile.
Eminye iminxa eboshelwe kulo mqhudelwano yezindondo yile:
Song of the Year Award, okuwumklomelo oxhaswe yi 947 futhi okuvotwayo kuwo. Dlala Thukzin – iPLAN (Unique Code: SONG1), Kamo Mphela – Dalie (Unique Code: SONG2), TitoM & Yuppe – Tshwala Bam (Unique Code: SONG3), Tyla – Water (Unique Code: SONG4) Tyler ICU – Mnike (Unique Code: SONG5).
Beauty Award: Colourme Sim, Zoliswa Mahlobo, ZeeXOnline, Zesipho.M, Foyin OG. Fashion & Style Award: Kamo Mphela, Kat Sinivasan, Kefilwe Mabote, Nabilah, Kariem noPhupho Gumede K.
Trendsetter Award: Coachella Randy (Unique Code: TREND1), Khanyisa Unfiltered (Unique Code: TREND2), Linda Mtoba (Unique Code: TREND3), Mandz Not Hot (Unique Code: TREND4), Moghelingz (Unique Code: TREND5) noNabilah Kariem (Unique Code: TREND6).
DStv Creator of the Year Award: Darren Campher (Unique Code: DSTV1), Khanyisa Unfiltered (Unique Code: DSTV2), Mandz Not Hot (Unique Code: DSTV3), Nabilah Kariem (Unique Code: DSTV4), Shandor Larenty (Unique Code: DSTV5), Sifo The Cooking Husband (Unique Code: DSTV6) noSiv Ngesi (Unique code: DSTV7). Umcimbi wokumenyezelwa kwabawinile uzobanjelwa eGoli ngo-Okthoba 12.