ABAHLELI bamaCrown Gospel Music Awards bathi ukuthola imingenelo engaphezulu kuka-300 kulo nyaka kukhombisa ukuthi abaculi bazimisele ngemiklomelo.
AmaCrown kuzoba ngaka-15 nonyaka. Aneminxa engu-33, okuzoklonyeliswa kuyo abangenele.
“Abaculi bese belinde iminyaka emibili ukubuyela e-ICC (Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre),” kusho uRofhiwa Nethengwe oyisikhulu esibhekele ukuqokwa nokwahlulela imingenelo.
Ukungenela kwavulwa ngo-Agasti futhi bekulindeleke ukuthi kuvalwe ngoLwesihlanu ngoSepthemba 30 kodwa kwaze kwavalwa ngoMsombuluko ebusuku.
“Empeleni kuphoqeleke ukuthi siselule isikhathi sokungenela ngoba i-website yokungenela ivele yafa ngosuku ebesilunqumile. Lokhu kungenxa yesibalo esiphezulu somculo nama-video abefakwa khona ngosuku olulodwa,” kusho uRofhiwa.
Uthe isiyonke imingenelo efakiwe ibe ngu-314. Umunxa weBest Gospel Newcomer yiwona obe nabaningi abafake kuwo njengoba bengu-63. Kulandela oweBest Traditional Song.
“Okusimangazile yiBest Gospel Song ethole imingenelo engu-23. Lokhu kukhulu ngoba umklomelo uvotelwa ngabantu futhi bonke abaqokiwe kuzomele bakhankasele amavoti. Abake bawina lo mklomelo phambilini nguSolly Mahlangu (Wahamba Nathi), Sfiso Ncwane (Phakama), Dumi Mkokstad (Ulwandle), Jumbo (Wena Nkosi Uyazi) noCanaan Nyathi (Baba Ziveze).”
Umsunguli wamaCrown uZanele Mbokazi, uthe uhlelo lokuhlunga imingenelo seluqalile. Uthe abaqokiwe bazomenyezelwa ekhasini labo kwiFacebook ngo-Okthoba 14 ngo-7 ebusuku.
“Ngalobu busuku sizophinde simemezele izinhlelo zemicimbi endlalela amaCrown, nokuthi yini abangayilindela ngosuku lomcimbi,” kusho uZanele.
AmaCrown abuyela e-ICC ngoNovemba 27 ngemuva kweminyaka emibili lapho ebeba phambi kwengcosana yabantu ngenxa yemigomo yeCovid 19, eThe Station nasePlayhouse.
“Abantu abaningi balokhu bezama ukuthola amathikithi ezindaweni ezahlukene. Singakuqinisekisa ukuthi atholakala kuphela emahhovisi aseWorld Gospel Powerhouse. Abantu kumele bathumele iWhatsApp ku-081 846 1824 noma i-email [email protected].” usho kanje.