UMCULI kamaskandi, Igcokama Elisha, usemizamweni yokuphinda aqophe umlando ngokuba nezingoma ezivelele njengoba kuza i-albhamu yakhe entsha.
Kulokhu lo mculi ulande uNomcebo Zikode asekuqinisekisile ukuthi kukhona umculo wakhe ampike kuwona. Nyakenye ukhiphe iParis apike kuyona uLwah Ndlunkulu nokungenye yezingoma zakhe esathandwa namanje.
Njengoba kungu-Agasti, i-albhamu yakhe Amakhothangqoko okukhona kuyona iParis ihlanganisa unyaka yaphuma.
“Okwamanje angizokudalula okuningi nge-albhamu yami entsha kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi iyeza maduze. UNomcebo naye ukhona kuyona kodwa abanye abakuyona ngeke ngibaveze okwamanje kuze kube ngiyethula ngokusemthethweni. Ngibalekela ukuthi ngiveze izinto eziningi ngokushesha njengoba ngihlala ngibhekiwe uma kukhona engikwenzayo,” kusho iGcokama Elisha.
Lo mculi kubukeka izinto zimhambela kahle njengoba eqokwe nasemunxeni we-Record of the Year kuma-South African Music Awards (SAMA). Kulo munxa kuyaqala ukuthi kuqokwe umculi kamaskandi.
Libuzwa ngalezi zindaba Igcokama Elisha lithe lijabule kakhulu ngokwenziwe ama-SAMA.
“Benze iqiniso elingasajwayelekile ukuthi bangiqoke nje ngizimele ngingabi nabanye abaculi bakamaskandi kube sengathi siyaqhathaniswa. Lokhu kungijabulisile kakhulu. Imisebenzi yami iyazikhulumela. Noma abanye besuke benezinkampani ezisuke zizokwenza isiqiniseko sokuthi bayawina ngokufaka imali ukuthi bavotelwe, mina ngethembe abalandeli ukuthi yibona abazongivotela,” usho kanje.
Igcokama liqokwe ngengoma yalo eshisa izikhotha iParis elipike kuyona uLwah Ndlunkulu. Ukulivotela uthumela umqhafazo ku-33485 bese ubhala ikhodi yalo ethi: RY 10. Umqhafazo ubiza u-R1.50.