LIBONGA ukutakulwa iciko elingumelaphi wendabuko, elisizwe yinkampani yaphesheya kwezilwandle, ngokusabalalisa umsebenzi walo.
Leli ciko linguNdabuko Ntuli (48), waseNkandla, phambilini belicula ngaphansi kweKZN Music House, isanda kuvulwa. UNtuli uthi kumsizile ukugqama komsebenzi wakhe wokudweba, nokubaza izichuse osatshalaliswa yiBelgium Art Gallery.
Phambilini ubengumculi kamaskandi kodwa wagcina eseshintsha ushuni eshaya owe-Afro pop.
“Ukuqala kwami ukucula ngaya eGoli ngo-1993, ngingumculi wokholo. Ngesikhathi sekuvulwa iKZN Music House, ngaba ngomunye owathathwa khona kodwa ngajikela kumaskandi. Ngebhadi iKZN Music House yawa, kwaphoqa ukuthi ngizimele. Bengilokhu ngiqhubeka nokukhipha ama-albhamu kamaskandi, ngenza nomsebenzi wokudweba nokubaza izichuse kodwa ngingenayo inkampani engingaphansi kwayo.
“Bekuba wukuthi ngibukisa ngomsebenzi wami uma kunemibukiso yalolu hlobo ezindaweni ezahlukene. Ngigcine ngithathwe yiBelgium Art Gallary, enginenkontileka nayo ngoba yiyona ekhombisa ngomsebenzi wami uma kunemibukiso bese iyawudayisa,” kusho uNdabuko.
Uqhube wathi njengoba esebenza nenkampani yaphesheya kwezilwandle ubuye enze umsebenzi wokuba ngumelaphi nokucula i-Afro pop. Kumanje usanda kukhipha i-albhamu. Emculweni usebenza noMbuzeni Mkhize futhi badlale naye iziginci. Unjiniyela wakhe uthe nguVukile Xoli, oseke wasebenza nabaculi abahlonishwayo okubalwa uRebecca Malope nabanye. Ubizo lokuba ngumelaphi uthe lumfice ngendlela kodwa waqhubeka neminye imisebenzi yakhe ngoba ayishayisani.
Elandisa kabanzi ngomsebenzi wakhe wokubumba izichuse, uthe uhlonishwa kakhulu eBelgium. Wathi kunebhuku eselikhishiwe ngokukhethekile eliqhakambisa umsebenzi wakhe khona. Kulona kuchazwa yonke into ngomsebenzi wakhe wokwakha izichuse nokuxhumana komsebenzi wakhe namadlozi.