KUZA izinguquko emdlalweni oyintandokazi kulezi zinsuku, iThe Wife, ezizoshiya abathandi balo mdlalo, osuselwe ezincwadini zikaDudu Busani-Dube, bengajabule.
Izinguquko okuthiwa zizokwenziwa ngabadidiyeli, ngokusho komthombo osondelene nalo mdlalo osakazwa kwiShowmax, kunabalingisi abangeke babe yingxenye kaSeason 3 okulindeleke ukuthi iqale ukukhonjiswa ngasekupheleni konyaka.
Omunye wabo nguMbalenhle Mavimbela, odlala indawo kaHlomu, okubikwe ukuthi uyashiya.
Le ntokazi yaseMnambithi ifike yazakhela ugazi kulo mdlalo, ikakhulukazi kwisizini yokuqala ngesikhathi ithandana noMqhele Zulu (okuyindawo elingiswa nguBonko Khoza).
Ukuhamba kukaMbalenhle kudalulwe ngowayengumethuli wezinhlelo kuMoja Love, uPhil Mphela, ekhasini le-Instagram.
UPhil, echaza ngembangela yokuhoxa kukaMbalenhle, uthe kunesimo esimayelana naye esimnqinde amandla ekushutheni uSeason 3.
Uthe kuzobhora kakhulu ukungabi khona kukaMbalenhle kulo mdlalo futhi kuzoba kubi uma abadidiyeli befaka omunye umlingisi esikhundleni sakhe ngoba indawo yakhe iyona ebiwuphaphamisa.
Kuthintwa abeShowmax ngenhloso yokuqinisekisa amahlebezi okuthi angeke abekhona kwisizini ezayo, oyisikhulu esiphezulu kwezokudidiyelwa kwezinhlelo zakwaM-Net, uNomsa Philiso, uvele wangena ezintangeni wathi: "Okwamanje akukho zinqumo ezisathathiwe ngabalingisi abazobamba iqhaza kuSeason 3."
Lo mdlalo selokhu uqalile kunesasasa nomsindo ngawo ezinkundleni zokuxhumana. Kwaqala kwaba ngabakhala ngokuthi awulandeli izincwadi osuselwe kuzo zikaDudu.
Kwathi kusenjalo, kwakhalwa ngoGaisang K Noge, olingisa indawo kaNaledi, ukuthi akafani noNaledi osencwadini. Kwabuye kwasuka igidigidi ngeziwombe zocansi phakathi kukaMqhele noHlomu nangolwaluphakathi kukaZandile (Khanyi Mbau) noNkosana (Mondli Makhoba).
Uma ziliqiniso izindaba zokuhamba kukaMbalenhle, singase sibe sikhulu isililo ngoba bese siqalile ngesikhathi sekuvezwa kakhulu uNaledi noZandile kunaye (uHlomu).