BANGU-3.8 million abantu bakuleli abahlala babukela izindaba zolimi lwesiXhosa ezazifundwa okokugcina uNoxolo Grootboom, emasontweni adlule.
Lokhu kuvele ezibalweni zikaMashi ezikhishwa iThe Broadcasting Research Council of South Africa.
Ukufunda izindaba kukaNoxolo kwaba undabamlonyeni kwabaningi njengoba iSABC1 yagqugquzela abantu ukuthi babukele le ntatheli okokugcina njengoba isithathe umhlalaphansi.
UNoxolo wayeseneminyaka engu-37 esethimbeni lezindaba kwaSABC.
KwiDStv uhlelo olukhombisa abesifazane abagane indoda eyodwa abangafunani kuMoja Love i-1st wife vs 2nd wife olwethulwa uPastor I Makamu, lusezinhlelweni ezenze kahle kulesi siteshi.
Lolu hlelo luqale ngengiya eliphezulu ngenyanga edlule njengoba lunababukeli abangu-807 595.
Kusona lesi siteshi ezinye izinhlelo zakhona ezihamba phambili kubalwa oluthi Rea Tsotella, Lekunutu, Uyaphuza nezinye.
KuMzansi Magic akukho okuhlukile khona njengoba umdlalo iGomora ulokhu uyibambile indawo yokuqala ngababukeli abangu-1 225 254.
IThe Queen iyalandela ngababukeli abangu-1 145 816.
Umdlalo Ehostela nohlelo oluthi Mnakwethu: Happy Ever After zenze kangcono njengoba zibalwa neziyishumi ezihambe phambili kulesi siteshi.
Uhlelo oluthi Mzali Wami nohlelo oluthi Abandoned obelwethulwa uPhumeza Mdabe nolukhombisa ngomndeni wakaRanaka, iThe Ranakas zikwezingenzanga kahle uma kuza kubabukeli.
Kwi-e.tv umdlalo iDurban Gen kubukeka uza kahle njengoba manje uhleli endaweni yesihlanu ngababukeli abangu-2 441 636.
KuSABC2 umdlalo iMuvhango usukile endaweni yokuqala esithathwe izindaba zesiBhunu, wahlala endaweni yesibili ngababukeli abangu-4 275 012.
Kule nyanga ziningi izinhlelo eziqalile eziteshini ezehlukene kuleli okulindekele ukuthi kubonakale ukuthi zenza kanjani kubabukeli uma kuphela le nyanga.