UVUKWA umunyu maqede zehla mi izinyembezi kuLinda Sebezo, odume ngokulingisa kwiBlackdoor neLockdown uma echaza ngobuhlungu abuzwa egqunywa ejele iSun City Maximum Prison, izinyanga ezintathu.
Kuphoqelekile ukuthi umthwebuli amnikeze i-tissue yokusula izinyembezi.
"Ubuhlungu bakhona bungaphezu bokushonelwa ngumuntu," kuchaza uLinda.
Echaza ngokuboshwa kwakhe uLinda (58), uthe wayezihlalele nogogo wakhe, elindele ukushaya amathini ngoDisemba wango-31, ngesikhathi kutheleka amaphoyisa.
Uthe amaphoyisa ayethungatha izidakamizwa zenani likaR5 million, nebala azithola kwenye yezindlu zakhe ezihlala amathuluzi.
ULinda uthe washaqeka ngoba wayengazazi lezo zidakamizwa ukuthi zazigcinwe wubani.
"Ngacishe ngafa ngesikhathi ngiboshwa ngoba abantu babezosala bashaye amathini."
Uthe okwakumzwisa ubuhlungu ukuthi kunamalungu omndeni ayethi akadingi ukuzwelwa ngoba uyingane katsotsi. Ngesikhathi etshelwa ukuthi icala lakhe lizohlehla izinyanga eziyisithupha, uLinda uthe wasanganelwa yikhanda. Uthe wanikezwa ithuba lokuphuma ngebheyili kaR5 million kodwa wahluleka ukukhokha uR30 000 ngenxa yokuthi imali yakhe yayivalelwe.
Echaza ngokudedelwa kwakhe, uthe kwathi sekuphele izinyanga ezintathu amaphoyisa athola ukuthi izidakamizwa zase zihlale emzini wakhe iminyaka emihlanu ekubeni yena wayeneminyaka emithathu ehlala kuwo.