NGAZE ngamdabukela usomahlaya osemnkantshubomvu bakithi, uSboniso “Gab” Mpungose wodumo lukaNgane Ngane. Ngimbone esigcemeni sakwa-L, KwaMashu, ngaseBoxer, elubhada phansi ngoCetshwayo futhi esegqunqe emnyama ngenxa yokushiswa yilanga.
Gab, uchaza ukuthi awusakwazi nokuqasha i-Uber noma uzithengele isiqeda? Uthi ujuluka ube umunca. Ngiyazi bekulula kuqala nkunzi, ngoba bewupatanisa eWorkshop. Manje usuwusaziwayo obuye avele kulesi sikeshi esibizwa ngoZalo nesibizwa ngeDurban Gen. Ubungoqo abuphele!