YIZE umlingisi weSibaya, u-Amina Jack engakaze akufundele kodwa indawo kaThokozani Zungu, uyilingisa ngokuzimisela nangeqophelo eliphezulu.
U-Amina (19) odabuka oSizweni eNewcastle, ubonga abenkampani eqopha umdlalo ngokumcija aze afike kuleli zinga asekulo. Echaza ngokungena kuwo, uthe wayengakaze aziphuphe engumlingisi.
“Ngomunye unyaka umama wavele wangibuza ukuthi ngiyafuna yini ukuba umlingisi. Wabe esethi ubone inhlolokhono. Ngakho angiyozama ukuze ngibone ukuthi kuzokwenzekani.”
Nebala waya kokwenza inhlolokhono kwiZion 14, wathathwa ukuba alingise indawo yendodakazi kaKing Sibiya, uMbali.
“Ngenxa yokuthi lo mdlalo wawukhiqizwa yiThe Bomb esiqopha Isibaya. IThe Bomb yangifaka kwiSibaya.” Njengoba enza unyaka wokuqala ezifundweni zePsychology e-University of KwaZulu-Natal, ophikweni oluseMgungundlovu, uthe isikhathi esiningi usichitha kulesi sifundazwe.
“Uma kuneziqephu engizozishutha kwiSibaya bayangibiza. Ngigibela ibhasi ukuze ngifike ngisebenze, maqede ngibuyele emuva eMgungundlovu.”
U-Amina uzichaze njengomuntu ohluke kakhulu kuThokozani.
“Anginaso isibindi, nginamahloni ekubeni uThokozani uyazikhulumela. Ngiyakuthanda ukufunda izincwadi. Yena uzalelwe esithenjini kanti mina angiphumi ekhaya elinaso.” Uveze ukuthi unekhono lokuqhulula amahlaya uma ezihlalele nabangani bakhe kodwa akasoze aba wusomahlaya ngoba unamahloni. Njengoba engusaziwayo uthe akabi nankinga nabalandeli bakhe abasuke befuna ukushutha naye.
“Ngisho befika ngimatasatasa neminye imisebenzi. Ngibacela kahle ukuba bangilinde, ngiqede engikwenzayo. Okwamanje inkinga kuseyiCorona. Angikwazi ukushutha nabantu ngenxa yokubalekela ukusondelana kakhulu,” kuchaza u-Amina.
Ungumagcino ezinganeni ezine zikaNksz Ethel Jack. Uqale ukufunda eQhubimfundo Primary eNewcastle, naseForest Hill Primary eGoli kodwa waphothula uGrade 12 eNationwide School eGoli. Ukufunda ukuqale nyakenye kodwa wabuye wahlaba ikhefu ngenxa yokuba matasatasa nomsebenzi.