IZOSHUBISA izinto kuZalo intokazi edabuka eHowick kodwa esizinze eThekwini, engumlingisi omusha kulo mdlalo okhonjiswa kuSABC1 njalo ngo-8.30 phakathi nezinsuku.
UZamantungwa (Zama-Kay) Khumalo (26) uqale ngeledlule ukubonakala kulo mdlalo nalapho elingisa khona indawo kaNomakhandlela oyintombi entsha kaNkunzi.
Engxoxweni yakhe neSolezwe ngeSonto, le ntokazi iveze ukuthi ucilo uthuke uzishaya endukwini kuyena ngoba uqala ngqa ukulingisa ngoZalo.
“Emuva kokuphothula iziqu zami e-UKZN ngaya eGoli nalapho ngenza khona i-course yokulingisa eStar Quality. Bengingakaze ngihambise izinto zami kwinhlolokhono yemidlalo yethelevishini kodwa kulokhu ngithe angizame inhlanhla ngokuthumela izimfanelo, ngesimanga nangobukhulu bukaNkulunkulu ngafonelwa ngibizwa emuva kwezinsuku ezimbalwa,” kulandisa uZama.
Uqhube wathi ubonga uMdali ngaleli thuba elikhulu kangaka nabazali bakhe ngokungamphoqi ukuthi asheshe afune umsebenzi weziqu ayezifundela e-UKZN.
“Kungisizile ukungaxhamazeli ngoba ngigcine sengilifezile iphupho lami lakudala lokungena kwezikaqedisizungu,” usho kanje.
Echaza ngendawo kaNomakhandlela uthe akafuni ukwanda kakhulu “ngokushisa eza nakho” kodwa abantu abenze isiqiniseko sokuthi babukela uZalo ukuze bazibonele ngawabo ukuthi uza nani kulo mdlalo.
Uveze ukuthi kukude lapho ephikelele khona kule ndima njengoba esafisa ukuzibona nakweminye imidlalo yethelevishini futhi elingisa indawo eqavile.
“Kungekudala negama lami lizobe livela emagameni abalingisi avela uma kuqala umdlalo. Kusayisiqalo lokhu kukhulu kuyeza,” esho ehleka.
Ube eseyala nabanye ontanga yakhe abasanezifiso zezinto ezinkulu ngezimpilo zabo ngokuthi: “Abangayeki ukuthandaza bacele lokhu abakufisayo futhi bangabi namahloni nobudlelwano babo noNkulunkulu, ngabe angikho la engikhona namhlanje ngaphandle komusa wakhe.”