LUZOQHUBEKA ukwethulwa uLawrence Maleka uhlelo olusiza abantu bakuleli abafuna uthando iToo Hot To Be Single, olushaya ibuya kuSABC1 ngoSepthemba 1, ngo9.00 ebusuku.
ULawrence uzoqhubeka kule sizini yesibili esiza abantu abafuna omaqondana azobahlanganisa badlale imidlalo ehlukene uma bekujabulele abakwenzile kulapho bezothatha isinqumo sokuthi bayaqhubeka nokuxhumana noma cha.
Lolu hlelo isizini yalo yokuqala yayineziqephu ezingu13 kuphela kodwa isizini entsha izobe ineziqephu ezingu26.
AbakaSABC1 baveze kuthi kuningi abakushintshile kulona njengoba bethathe abantu ezifundazweni zonke zakuleli, nokuzothi uma sebebahlanganisa ohlelweni bahlanganise abantu abaqhamuka esifundazweni esisodwa ukuze bangaqhelelani kakhulu.
Khonamanjalo lubuya nesizini yokugcina uhlelo lwezingxoxo lwakuSABC 2 iMotswako ngemuva kwesikhathi lukhona.
Isizini entsha ezoqala ngo-Agasti 25 kuzobe kungeka-21.
Umdidiyeli omkhulu wohlelo uCarol Bouwer uthe lolu hlelo luvalelisa ngemuva kokuklama indima yokuba “wusisi omdala kwesinye isikhathi omncane” kwabesifazane bakuleli.
“Sethule izingxoxo eziqhakambisa abantu besifazane futhi saveza nezingqinamba namathuba abanawo. Sizobonana futhi ngokuzayo,” kusho uCarol.
INhloko yeSABC 2 uGerhard Pretorius ithe kusuka lolu hlelo luqala lube yinkundla lapho abantu bekhuluma khona ngezinto ezithinta ngqo abesifazane okubalwa kuzo ukuhlukunyezwa, ukungalingani nengculaza. Uthe konke lokhu bekuhlanganiswa nobuciko, ezobuhle nengqephu.
“ISABC 2 iyaziqhenya ngohambo lweMotswako kula masizini angu-21 edlule. KuCarol nethimba lakhe siyababonga ngokunikeza abesifazane inkundla yokuthi bazwakale futhi babonakale,” kusho uGerhard.
Lolu hlelo lwethulwa nguSechaba Gqeba ophinde asakaze uhlelo iLiving Redefined ngo-1 kuya ku-3 ntambama phakathi nesonto kuSA FM.
Kwabazobonakala ngesizini yokugcina kubalwa uPenny Lebyane, Desiree Chauke, Ayanda Ncwane, Leeto Khoza, Thabiso Sekwane, Maurine Skosana, Connie Chiume, Prof. Mamokgethi Phakeng, Sibongile Mngoma nabanye.