KUZOGQAMA ubuso obusha esiteshini uMzansi Wethu (163), kuDStv kusuka kusasa njengoba kuqala izinhlelo ezintsha ezithinta impilo yabantu, nezikhuluma ngezinto ezihlukene.
U-Eugene Khoza uzokwethula uhlelo oluthi I’m With Your Ex, noluzoqala ngoJanuwari 14, ngo-8 ebusuku.
UMaqhawe Khathide uzokwethula uhlelo oluthi Umthwalo oluzoqala nalo ngoJanuwari 14 ngo-9 ebusuku.
USiyabonga Mkhize yena uzothula uhlelo oluthi Ngithande Nami oluzoqala ngoJanuwari 21 ngo-9 ebusuku.
Ohlelweni oluthi I’m With Your Ex, kuzobonakala abantu abahlukene bebiza abantu abasha abathandana nabo bezobatshela ukuthi bathanda abantu ababethandana nabo kudala.
U-Eugene uzohlangana nowesilisa nowesifazane ofuna ukutshela umuntu athandana naye ukuthi usebudlelwaneni nomuntu amaziyo.
Ekugcineni kohlelo lo obize bonke abantu uzothatha isinqumo sokuthi ukhetha bani kubona bobabili laba bantu akade ebabizile.
Ohlelweni iNgithande Nami, uSiyabonga uzobonakala ehlangana nabantu abafuna izimpendulo kobaba babo abangazange babe sempilweni yabo ngesikhathi bekhula.
Bazoxoxa ngezinto ezinhle ezibavelele empilweni nezinye ezingabanga zinhle kodwa yize bedlule kukhona konke, bazoveza ukuthi banesikhala empilweni yabo sikababa, yikho bekhetha ukuhlangana nabo.
Isizini yesibili yohlelo Umthwalo, eyokuqala ebiyaziwa ngokuthi Ho Lekane, izoqhubeka nokunika ithuba abantu okuyibona abasebenza kangcono emindenini yabo, nabafuna ukubatshela ukuthi kumele bayeke ukubafuna imali ngaso sonke isikhathi njengoba nabo benezidingo zabo.
UShirley Adonisi waseM-Net uveze ukuthi ngonyaka odlule, bakhulise lesi siteshi ngokuletha kuso izinhlelo zakuleli nabazoqhubeka nakho kulo nyaka ukuze saziwe njengesikhuluma ngezindaba ezihlukene ezenzeka emiphakathini esiphila kuyo.
“Usuku lwangoMgqibelo luzoba ngolujabulisa kakhulu kulo nyaka esikuwo esiteshini uMzansi Wethu. Kuningi okusemgodleni wethu esikulungiselele ababukeli balesi siteshi, okusha okungasuki kwezinye iziteshi. Ngakho sithi kusekuncane lokhu inyanga nenyanga sizoqhubeka nokumemezela izinhlelo zethu,” kusho uShirley.