UZOTHI xinti izinsuku ezimbalwa emdlalweni Uzalo usomabhizinisi waseThekwini uShauwn Mkhize.
UShauwn udume kwabaningi ebonakala ohlelweni obelukhombisa ngempilo yakhe oluthi KwaMamkhize, obelukhonjiswa kuMzansi Magic.
NgoMsombuluko ntambama inkampani eqopha Uzalo iStained Glass, iveze izindaba zokuthi uShauwn, uzobonakala kulo mdlalo kusukela ngoLwesine (namhlanje).
Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba uShauwn uzobe elingisa indawo yowesifazane ongusomabhizinisi onemali, ofuna ukuthenga ibandla iKwaMashu Kingdom Church.
Ngokwamazwibela alo mdlalo kuleli sonto, abazalwane sebezwile ukuthi umfundisi wabo ufuna ukudayisa ibandla, okuzothi esiqeshini sangoLwesihlanu bathole ukuthi kukhona oselithengile.
Ekhuluma ngokuba yingxenye yalo mdlalo uShauwn, uthe ube nesikhathi esimnandi eqopha kuwona.
"Ngijabule kakhulu ngokuthola ithuba lokubonakala kulo mdlalo isikhashana, njengoba kungeke kube isikhathi eside. Ukubona abalingisi balo mdlalo futhi ngibe nesikhathi nabo kube umzuzu ojabulisayo kimina futhi okusekude ukuthi ngiwukhohlwe. Esengikulindile manje ukuthi wonke umuntu abone uhlangothi lwami lwethalente ebengilifihlile, lingaziwa muntu,“ kusho uShauwn.
NgoLwesihlanu iyaphela isizini yesithupha yalo mdlalo njengoba kuzoqala eyesikhombisa ngoMsombuluko.
UNomfundo Zondo okhulumela lo mdlalo, uveze ukuthi kuleli sonto bazokhipha isitatimende esizocacisa ngokusha okuzobonakala kusizini entsha, nokuthi obani abadlali abazobonakala kuyo.
Kuleli sonto kuphinde kwavela izindaba zokuthi uJet Novuka, obelingisa indawo kamseshi uMpambani, uyashiya kulo mdlalo.
Abanye abashiyayo kubalwa uSiyabonga Shibe noBaby Cele ogcine ukubonakala kulo mdlalo emasontweni amabili adlule.
Ekupheleni kwaleli sonto ababukeli balo mdlalo bazobe sebazi ukuthi obani abalingisi abasha abazoqala ukutheleka kulo mdlalo ngesonto elizayo.
Kuwona ezinyangeni ezizayo kulindeleke ukuthi abalingisi abadala balo mdlalo babonakale kuwona maduzane.
Kwababuyayo kubalwa uKhaya Dladla, Nokuthula Mabika, Ntokozo Dlamini noNay Maps.