LUBHEKWE ngabomvu uhlelo olusha lwethelevishini olubizwa ngeThe Re-introduction, oluzoqala ukukhonjiswa ngoNovemba, kwiTrace.
Uhlelo oluzodlala ngamaSonto ngo-6 ntambama, luzogxila empilweni yezingqalabutho zomculo okubalwa uBrenda Fassie, noFela Kuti.
Omunye wabethuli bohlelo nguZoë Modiga, ongumculi odabuka eMbali eMgungundlovu, futhi usezakhele igama nasemazweni aphesheya.
Ekhuluma nephephandaba uthe uzizwa ebusisekile ngokuba yingxenye yohlelo olubaluleke kangaka ngoba izinkakha okukhulunywa ngazo kulona, wakhula elalela umculo wazo.
“Ngithemba ukuthi abantu bazoluthokozela ngoba luxoxa ngezindaba zezingqalabutho zomculo futhi luzosikhumbuza ukuthi akekho oyisibukeli sempilo yomunye umuntu kodwa sonke sihlalelwe ukuzibhalela owethu umlando,” usho kanje uZoë.
Isiqephu ngasinye sohlelo sizogxila ecikweni elilodwa kanti nabethuli bohlelo bakhethwe ngoba benza kahle emculweni. Phakathi kwabethuli bohlelo kubalwa uZoë Modiga, J’Something, Langa Mavuso, Rouge, Sarkodie, Moozlie nabanye.
UZoë uthi kuyamjabulisa okwenzeka empilweni yakhe kumanje futhi kufana nokuphenduleka kwemibuzo eminingi.
“Kuyisibusiso esikhulu ukuthi njengamanje izinto zibukeka zihlangana ngendlela nami engingayiqondi. Kuke kwanesikhathi empilweni yami lapho ebengizingabaza ukuthi lokhu engikwenzayo yikona yini okumele ngabe ngiyakwenza. Kubukeka iphenduleka imibuzo eminingi,” kuphetha uZoë
Muva nje, mculi ubegubha impumelelo ye-albhamu yakhe Inganekwane, nokubalwa kwengoma yakhe ethi Abantu ohlelweni lweNetflix, iSavage Beauty, nalapho ezobonakala khona.
NgoJulayi ubeshiyalana inkundla nabaculi abanjengo-Erykah Badu, Tiwa Savage noDiana Ross kwiNorth Sea Jazz Festival ebiseRotterdam, eNetherlands.