UKUBUYISWA kwabadlali abake balingisa kuZalo phambilini, okubalwa uKhaya Dladla noNokuthula Mabika, kufakele lo mdlalo isigcwagcwa kubabukeli njengoba bekhala ngokuthi izindawo zabo azigculisi.
UKhaya ubuyele endaweni yakhe yakudala kaGC abeyidlala phambilini kanti uNokuthula ubuyele kwekaThobile. Ababukeli babhale ezinkundleni zokuxhumana begxeka futhi bekhononda ngokuthi abachazekile ngendlela laba balingisi abadlala ngayo kuZalo. Ngokusho kwababukeli, izinga lokulingisa kwabo lenza uZalo lwehlelwe yisithunzi futhi bathi abagculisekile ngalaba balingisi selokhu bebuyile kulo mdlalo.
Abanye bakhale ngohleko lwabo uma belingisa, bathi alubachazi. Kukhona abathe laba balingisi baphendula Uzalo isikeshi kanti abanye bebezwela ababukeli abasaqhubeka nokulubukela, bethi bona bahluleka ukuqhubeka nokulubuka ngenxa yabalingisi abangakhombisi ukuba nekhono.
Okhulumela Uzalo, uNomfundo Zondi uthe ukubakhona kwalaba balingisi kubalulekile kuwona nakubabukeli.
“ Indlela okuhlelwe ngayo indawo kaGC nekaThobile ibalulekile ukwenza lo mdlalo ubemnandi futhi ujatshulelwe ngababukeli. Sicela ababukeli boZalo baqhubeke nokulubuka ngoba kuningi okusazobajabulisa ngezindawo zalaba balingisi,” kusho uNomfundo.
Kwenzeka lokhu nje, kuke kwanemibiko yokwehla kwesibalo sababukeli kuZalo kukhalwa ngokuthi indlela olubhalwe ngayo ayigculisi. AboZalo bazivikela ngokuthi ngesikhathi kuphuma izibalo, azizange zigxile kuZalo kuphela kodwa neminye imidlalo yayibhekene nenkinga efanayo.