Nokubongwa Phenyane
USHIYWA abalingisi ababili abaqavile umdlalo onababukeli abaningi Uzalo, okhonjiswa kuSABC1 phakathi nesonto ngo-8.30 ebusuku.
UBaby Cele olingisa indawo kaGabisile noSiyabonga Shibe olingisa indawo kaQhabanga, bazogcina ukubonakala kulo mdlalo uma kuphela isizini yesithupha.
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi bazogcina ukubonakala kulo mdlalo ngonyaka ozayo.
“Kabaxoshiwe kodwa izindawo zabo ababhali bomdlalo bakhethe ukuthi zime kancane njengoba bengazi ukuthi bangaziyisa kanjani phambili ngenxa yokufika kwabalingisi abasha. Bazothatha ikhefu nje uma sekubonakala ukuthi izindawo zabo sekumele zibuye, zizobuyiswa,” kuchaza umthombo.
Uthe isizini entsha yomdlalo izokwethula abalingisi abaningi abasha, okwenze ukuthi kube khona izinguquko kulo mdlalo.
“Okwamanje ngisezwe kuthiwa yibona bobabili abashiyayo kodwa ngeke uze wazi sizobona uma sekuhamba isikhathi njengoba * -Okthoba kuyinyanga abavuselela ngayo izinkontileka zabalingisi abasuke bekhona kulo mdlalo,” kuchaza umthombo.
USiyabonga ake avela amahlebezi okuthi uxoshiwe awakhahlela ngazo zombili.
Kwavela ukuthi amahlebezi amcasule kakhulu uSiyabonga njengoba engazi ukuthi aqhamuka kuphi.
UBaby bekungakaze kuvele izindaba zokushiya kwakhe kulo mdlalo muva nje kodwa kwavela ukuthi uzothatha ikhefu.
Okhulumela Uzalo uNomfundo Zondo, uveze ukuthi ziyiqiniso izindaba zokuhamba kwalaba balingisi isikhashana.
“Kabaxoshiwe kodwa bangabuya noma nini kulo mdlalo. Indaba yokumisa izindawo abazilingisayo ixoxwe nabo kwavunyelwana ngesinqumo futhi bazobuya nje uma umdlalo usubadinga,” kuchaza uNomfundo.
Kulo mdlalo muva nje kulindeleke ukuthi kubonakale abalingisi abasha okukhona kubo uMike Mvelase, Big Zulu nabanye abazomenyezelwa ngenyanga ezayo.