INTANDOKAZI yomdlalo wethelevishini Uzalo, idiliza abalingisi bese iphesha ngabanye ngenhloso yokwenza ngcono njengoba kukhalwa ngokwehla kwesibalo sababukeli.
Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi kunoshintsho olukhulu olwenzeka kulo mdlalo ovezwa kuSABC 1, ngoMsombuluko kuya koLwesihlanu ngo-8.30 ntambama.
Uzalo olufike eminyakeni eyisikhombisa edlule, lushukumise inkundla lwaba nezindimbane zababukeli lawola nezindondo kodwa kwahamba, kwahamba, kwaba nebohlololo.
Kuthiwa abaphathi banqume ukuthatha izinyathelo ngoba bebona kungahambi kahle ngezibalo. Kuthiwa kubuyiswa abalingisi ababefike nomdlalo, nabashukumisa inkundla base bedilizwa emuva kwalokho.
Ushintsho seluvele luyabonakala kuthelevishini njengoba kuhambe uBaby Cele obedlala uGabisile. Useqalile ukubonakala uGlen Gabela, odlala indawo kamfundisi uMdletshe, owayevele ekhona ekuqaleni.
UNomfundo Zondi okhulumela Uzalo, uthe lukhulu ushintsho olukhona futhi luzokwenza ababukeli bawuthokozele umdlalo. Izimpendulo zikaNomfundo zihambisane kahle nalokho obekupotshozwe wumthombo ngezinguquko, okuthi phakathi kwabahambayo kubalwa noqweqwe lomlingisi uJet Novuka odlala indawo yomphathi wamaphoyisa uYamkela Mpambani, uSiyabonga Shibe odlala indawo kaQhabanga noDawn Thandeka King odlala indawo kaMaNgcobo.
Uzalo lubuyisa inqwaba yabalingisi phakathi kwabo kubalwa uNay Maps odlala indawo kaMxolisi, Ntokozo Dlamini odlala indawo kaMastermind, Khaya Dladla odlala uGC. Kuvela namagama oNokuthula Mabika odlala indawo kaThobile, Khabonina Qubeka ozodlala indawo engakaziwa noMbali Maphumulo odlala indawo kanina kaPhelelani.
Muva nje, kubonakale impunyela yaseThekwini, uShauwn Mkhize. Abaphathi boZalo babonge abalingisi abaphumayo bancoma amakhono abo, bathi basebenze kahle nabo futhi babafisela inhlanhla.
Kwenzeka lokhu nje, bekusabalale amahemuhemu ngokuhamba kwezethenjwa zoZalo kodwa kuyinto ekhulunywa ematshwaleni bengaphumeli obala ngayo. Kulindwe ngamehlo abomvu ukuthi kuzokwenzekani kulo mdlalo obuya nosizini 7 ozoqala maduze nje.