YIZE umlingisi waseMgungundlovu ejabule ngokuqhakambisa iNingizimu Afrika phesheya kwezilwandle, kodwa akaneme ngokuqhubeka kodlame lobulili kuleli.
UThuso usanda kuqokwa emunxeni we-African Social Star of 2020 kuma-E! People’s Choice Awards, lapho eqhathwe khona nomculi uSho Madjozi, Zozibini Tunzi, Elsa Majimbo, Dimma Umeh, Wian van den Berg, Karl Kugelman noLydia Forson.
Uthe abusehli ubuthongo kuyena ngenxa yezigameko ezihlasimulisa umzimba.
“Noma kungakaze kwenzeke kimi kodwa bakhona abangani bami abangishiyile emhlabeni ngenxa yalezi zehlakalo. Kukhona umngani wami oseyintandane emuva kokuba uyise abulala unina.”
Uthe kufanele kusukunywe kuliwe nalesi sihlava ngoba sihlalisa umphakathi ovalweni.
“Ngiyazwelana nabantu asebeke babhekana nalolu dlame. Ukuhlukumezeka komunye umuntu kuphatha kabi abanye ngisho bengahlangene nalokho.
“Akumnandi ukuphucwa komunye umuntu umphefumulo,” kusho uThuso osanda kunconywa yiphephabhuku lase-England, iVogue UK.
“Wayetuswa ngendawo ayilingisa emdlalweni obuqoshwa phesheya osihloko sithi Underground Railroad. Lo mlingisi, oseqokwe kwaze kwaba kabili kuma-International Emmy Awards ngendawo kaWinnie abeyilingisa kwi-Is’thunzi, uthe ubengakulindele ukuqokwa kuma-E! People’s Choice Awards.
“Bengizihlalele nje, ngizinakele izinto zami ngesikhathi ngitshelwa ukuthi ngiqokwe kulo mqhudelwano.Kuthe sengibona nabantu engiqhathwe nabo, ngatshela abaphathi bami ukuthi bangifake baze bangigxisha impela kubantu asebesebenze kakhulu kunami.”
Ube esenxusa abantu ukuba bamvotele ngobuningi babo ukuze indondo ize eNingizimu Afrika, ikakhulukazi KwaZulu-Natal njengoba kunguye kuphela ovela kulesi sifundazwe.
Ukuvota kuqalile kuTwitter nakwi-website ethi: www.pca.eonline.com/af futhi kuvalwa ngo-Okthoba 23. I-hashtag kaThuso ithi #ThusoMbedu #AfricanSocialStar at the E! People’s Choice Awards! #PCAs.
Sekungokwesibili kuba nomunxa ongenelwa ngosaziwayo base-Afrika namaphethelo. Nyakenye indondo ye-African Influencer of 2019 yazibulwa ngumethuli wezinhlelo wakuleli, uBonang Matheba.
Abantu bavota kuze kube yizikhawu ezingu25 ngosuku kuTwitter nakwi-website. Ngemininingwane egcwele ungangena ku-@EOnlineAFRICA (Instagram) naku-EEntertainmentAF (Facebook).
Ama-E! People’s Choice Awards azosakazwa kwi-E! kusukela ngoNovemba 15, okuyoqala ngeRed Carpet ngo2 ekuseni bese umcimbi uba ngo-4 ekuseni. Lo mcimbi uyophindwa nangakusasa ngoNovemba 16 ngo9.30 ebusuku.