OBELINGISA kwiMbewu:The Seed, uNqobile Sipamla, uthi akasakwazi ukuhamba ngokukhululeka emgwaqweni okwenza ahlale ezigadile ngenxa yendawo ayidlalayo.
UNqobile udlala indawo kaThokozile ongusomaqhinga owenza noma yini ukuthola into ayifunayo. IMbewu idlala ngo-9.30 ebusuku phakathi nesonto ku-e.tv.
"Ayisekho indaba yokuzizulela nje. Abantu babona loya sisi abamsabayo nabamzondayo. Impilo ishintshe kakhulu angikwazi ukuhamba ngedwa kumele ngiqaphele ngoba abanye bayasondela befuna ukushutha kanti kumele sigade, siqhelelane," kusho uNqobile.
Lo mlingisi oke walingisa nasemdlalweni wakuMzansi Magic Ikhaya, kuvela ukuthi useshiyile kulo mdlalo.
Ngokuthola kwaleli phephandaba njengoba uThokozile esekubhaceni uzogcina ngokushona.
"Isiqephu somngcwabo wakhe saqoshwa ngoDisemba ngonyaka odlule," kusho umthombo waleli phephandaba.
UNqobile ukuqinisekisile ukuthi akaseyona ingxenye yeMbewu.
"Yebo angisekho kodwa bekumnandi ukusebenza khona futhi ngibe nesikhathi esimnandi kakhulu. Abalingisi nabasebenzi njengoMaKhumalo (Leleti), Tony (Kgoroge), MaMtshali (Thembi), Nkanyiso Mchunu noDeli Malinga. Abanye abangamukela akusibona abaqhubeka nomdlalo kodwa siyasekana bakwenza uzizwe wamukelekile okuyinto evela kuthelevishini. Abantu baze bakholwe ukuthi siyazondana kanti uma sesingasaqophi siyathandana."
Uthe ufunde lukhulu ngokudlala indawo kaThokozile futhi ufuna ukudlala ezinye izindawo ngoba akathandi ukulingisa umlingiswa ofanayo nakweminye imidlalo.
Uveze uthi okwamanje usaqhuba imisebenzi yenkampani yakhe ezinze eThekwini lapho afudukela khona ngo-2014.