INKAKHA yomlingisi uSeputla Sebogodi, iveze ukuthi indawo yayo kwisizini yesine yomdlalo iThe River ezoqala ngoMsombuluko, izoletha into abantu abangayilindele.
USeputla ulingisa indawo kaMohumi Ditshwene, ongubaba kaTumi, obuye ngoba ezoziphindiselela kuLindiwe Dikana (Sindi Dlathu). Uqale ukubonakala kulo mdlalo ngonyaka odlule, nalapho avela khona amasonto amabili wanyamalala.
Kulo nyaka uphinde wavela, lapho Isolezwe lihabule ukuthi usebuye unomphela kulo mdlalo ngeke esanyamalala.
Ekhuluma neSolezwe uSeputla, uthe indawo yakhe usuku nosuku izoshiya ababukeli bomdlalo bebambe ongezansi.
“Lona ngomunye wemidlalo engadumazi nakancane, ukuba yingxenye yawo nje kusho lukhulu kimi. Indawo kaMohumi izokhula kule sizini yesine ezoqala, futhi uzoqhubeka nokuba yisitha sikaLindiwe, ngoba kuningi afuna ukuziphindiselela ngakho kuye. Ngiyabathembisa ababukeli ukuthi abaqhubeke nokubuka mdlalo ngoba kusazoshuba,“ kusho eSeputla.
Uveze ukuthi nokuba seduzane nendodana yakhe uThapelo (Khabzela) nayo elingisa kulo mdlalo, kumenze wathokoza emoyeni.
“Yize ngangingathandi angene kulo mkhakha wokulingisa ngenxa yezingqinamba engizaziyo, kodwa ukumbona enza kahle kangaka kuyangijabulisa. Ngangifuna abe emkhakheni wamabhange abale izimali, ngoba wayenza kahle kuMaths nakuPhysics esikoleni. Siyathemba ukuthi abantu bazoqhubeka nokuthakasela umsebenzi wethu sesindawonye,“ kuchaza yena.
Isolezwe lihabule ukuthi kule sizini ziyanda izitha zikaLindiwe kunakuqala futhi uzojikelwa nangumyeni wakhe uZweli (Hlomla Dandala).
Umthombo uphinde waveza nokuthi uTumi (Larona Moagi), uyashiya kulo mdlalo kanti kuzoba nomshado lapho kuzoba nesidumo, bese kufa othile.