MBALI KHANYILE
INTOKAZI yohlelo olusematheni kulezi zinsuku Isencane Lengane, olukhonjiswa kuChannel 157 kwiMzansi Magic, ithi yize ikhulelwe ingakuhlelele kodwa ngeke ikuvumele ukuphazamiseka ezinhlelweni zayo. Kumanje uThando Dlamuka, usamile ezinhlelweni zokuqhuba izifundo zakhe uma esephase ugrade 12.
Odabeni esalubika phambilini kuleli phephandaba, uThando Dlamuka wasabisa ngokushiya umyeni wakhe, uSiyacela Dlamuka ngoba ekhala ngokudelelwa nguye. Lokhu kungemva kokuba kubonakale umyeni wakhe ekhuluma ngesinqandamathe sakhe esisha, kwesinye seziqephu zohlelo, ekubeni yena engazi lutho ngentombi.
Ekhuluma nentatheli yeSolezwe ngeSonto uthe, yize enezinyanga ezintathu ekhulelwe usamile ezwini lakhe lokuthi uzomshiya uSiyacela, abuyele kubo uma eqhubeka nesithembu ngoba abangakaze bavumelane ngaso.
"Ujabulile impela uSiyacela njengoba silindele umntwana kodwa angizimisele nhlobo ngokubekezelela ingcindezi. Njengoba ngikhulelwe akumele kube nento ezongiphazamisa emphefumulweni. Isiqephu sangesonto eledlule asihlalanga kahle kimi ngoba uSiyacela uthembise intombi yakhe umshado. Ngigcine nginemubuzo engaphenduleki. Okubi ukuthi kwayena umuntu walesi senzo akaphumeli obala, kunalokho uvele ahleke noma aphakamise umoya," kusho unkosikazi.
Uthe izinhlelo zokuya kubo oLundi, azishintshile futhi kuzomsiza kakhulu ukuyohlala komalume njengoba izithwele.
"Uma ngiphasile esikoleni angizimisele ngokuhlala. Ngizoyiqhuba imfundo yami ukuze ingane ikwazi ukunakekeleka ngendlela engifisa ngayo," kuphetha uThando.