UMLINGISI waseThekwini ogqame emdlalweni ongasekho Isibaya, uMdu Gumede, uthi angathanda ukudlala emidlalweni eminingi emifishane kunewuchungechune.
UMdu, owagqama edlala indawo kaNtandane, udlala kwi-The Republic ekhonjiswa ngo-8 ebusuku ngeSonto, kwiMzansi Magic.
Izolo, bekudlala isiqephu sesikhombisa kwezingu-13 zale sizini.
“Ngingathanda ukudlala emidlalweni eminingi eyiziqephu ezingu-13. Ukudlala emidlalweni ewuchungechunge kukwenza uze ube nesithukuthezi ngoba uhlala endaweni eyodwa ungakhuli. Lowo mlingisi ngisho engavuswa ekuseni kuthiwa yiba wuNtandane manje akuhluphi ngoba usujwayele. Ngingathanda ukuthola amathuba amaningi emidlalweni emincane namafilimu ngibe ngabalingiswa abahlukene. Uma livela kodwa ithuba lokuba semdlalweni owuchungechunge ngeke ngiliyeke kodwa ngingabeka isikalo sokuthi ngifuna ukuhlala emidlalweni emingaki,” kusho uMdu.
Uthe useqedile kwi-The Republic lapho edlala khona indawo yokuba yiphoyisa elingcolile, uCaptain Radebe.
“UCaptain Radebe wumjita okhulele ekasi eTembisa. Ukhulele ekhaya elikahle nonina omthandayo owaziwayo emphakathini ngoba uyazibandakanya nezinto eziwuthintayo. Ngoba nakhu efuna ukuhlanganisa impilo ugcina eyiphoyisa kodwa inkinga ukuthi ulambe kakhulu ufuna ukuphumelela ngenkani empilweni. Ugcina enza noma yini engakubulalela noma uR5. Usetshenziswa uMK ukuthi enze imisebenzi engcolile ngoba efuna ukuzibona esesicongweni.”
Uthe kumjabulisile ukudlala le ndawo ngoba ihluke kakhulu kunaseke wayidlala phambilini.
“Yinto ekade ngiyifuna ngoba bengihlale ngidlala indawo yomuntu ozilungele nothandekayo. Abantu bangazi njengomuntu onothando ngenxa yabalingiswa. Ngajabula kakhulu ngithola ucingo lokuthi ngidlale lapha ngoba angizange ngisho ngiyofesa. Bangitshela ngomlingiswa ngathi ngizoyithatha,” usho kanje.
I-The Republic wumdlalo wokuqala alingisa kuwo kusuka kuphele Isibaya ngo-Ephreli wonyaka odlule.
“Bengizama ezinye izinto ezingahlangene nokulingisa, izinto zebhizinisi. Abantu bengilokhu ngibatshela ukuthi angisoze ngaphuma kwithelevishini. Ngisho ngingaphumelela, ngibe nemali engakanani kodwa ukulingisa ngiyohlale ngikwenza.”
Uveze ukuthi miningi eminye imidlalo ezayo asazobonakala kuyo.