NC: Ngabe likhona ibandla okhonza kulona, uma likhona yiliphi?
SM: Ngiyilungu lokuqina lebandla iCovanant Fellowship Church International (CFCI) eliholwa nguMphostoli Collins Dhlomo.
NC: Ngabe sikhona isimo esinzima osuke wabhekana naso empilweni yakho obonga uNkulunkulu ngokukulonda ngesikhathi ubhekene naso? Uma sikhona yisiphi futhi kwakwenzenjani?
SM: Abantu abaningi abazi ukuthi ngo-2009 ngagingqika nemoto yafahlazeka yaphela. Ngangizitshela ukuthi kuyaphela ngami. Ngalala esibhedlela izinyanga ezintathu. Kodwa uNkulunkulu emuhle namanje ngisawadla anhlamvana. Ngikholwa ukuthi uNkulunkulu wayefuna ukunginikeza ithuba lesibili.
NC: Ngabe yiziphi izinto ezimbili onazo ezidala ukuthi umbonge njalo uNkulunkulu?
SM: Okukuqala ngithanda ukumbonga kakhulu uNkulunkulu ngesipho sempilo angibusise ngaso. Okwesibili ngithanda ukumbonga kakhulu uNkulunkulu ngekhono lami lokulingisa.
NC: Eminyakeni emihlanu ezayo kumbe ke eyishumi ngabe yini le eyodwa okhulekela ukuthi uNkulunkulu akubusise ngayo? Leyonto futhi isho ukuthini empilweni yakho?
SM: Ngikhulekela ukuthi uNkulunkulu angibusise ngidlondlobale kakhulu ethalenteni lami lokulingisa nasemculweni. Ngifisa ukugcina sengibonakala ngisho naphesheya kwezilwandle.
NC: Ngabe likhona ivesi elilotshwe eBhayibhelini okholelwa kakhulu kulona uma likhona yiliphi futhi lisho ukuthini kuwena?
SM: Mina ngizifela kakhulu ngencwadi yeZaga eseBhayibhelini ngoba kuningi kakhulu engikufundayo kuyona. Uma ngifunde iZaga ngiyavuseleleka ngaso sonke isikhathi.
NC: Ngabe ungumuntu okholelwa kangakanani emandleni omkhuleko futhi usho ukuthini kuwena?
SM: Umkhuleko kimina uyikho konke akukho nokukodwa engiye ngiqale ukukwenza ngingazange ngiqale ngomthandazo. Eqinisweni nje umthandazo “ngithakatha” ngawo ngoba konke ngiyakuzuza ngenxa yawo.