Nokubongwa Phenyane
UMHLELI womcimbi amaSABC Crown Gospel Music Awards uZanele LaMbokazi-Nkambule, uveze ukuthi bangu-150 abantu abazothamela bukhoma umcimbi wezindondo walo nyaka.
Lokhu kungenxa yokuthi imiyalelo kahulumeni ayikuvumeli ukuhlangana kwabantu abaningi endaweni eyodwa ngenxa yeCovid-19.
Ekhuluma neSolezwe uZanele uthe uzoqoshwa ngoNovemba 13 bese usakazwa kwithelevishini ngoNovemba 29, amathikithi okuwubuka asekhona.
“Kuzongena ababe nenhlanhla yokuthola amathikithi okubuka umcimbi kuphela. Abalandeli bamaCrown mabalungise umswenko, bazilungiselele. Noma sibancane umswenko uzoba khona, izimoto zohlobo oluphambili ezihambisa izicukuthwane zizoba khona nabaculi abazonandisa bazobe bekhona,” kuchaza uZanele.
Uthe okusha okuzoba khona kulo nyaka yisigaba somculo wendumiso lapho befuna ukujabulisa abangasayi enkonzweni.
“Kulo nyaka besithi umcimbi ozoba khona ngowokumemezela abaqokiwe kuphela. Kodwa ngenxa yesililo savula isango lokuthi kube khona abazobuka umcimbi. Umcimbi siyowuvala ngomculo noDJ abahlukene bomculo wokholo,” kuchaza uZanele. Uthe amathikithi awekho e-computicket kodwa asemahhovisi eWorld Gospel Powerhouse noma abantu bashayele ku-081 8461 824.
“Ngenxa yesimo esibhekene naso umcimbi uzoqoshwa ngoNovemba 13 eThe Station Venue ngaseDurban Station, eThekwini. Abazothenga amathikithi kumele bafike ngo-12 emini ngosuku okuzoqoshwa ngalo umcimbi. Ngalolu suku sizophinde sikhulekele isimo esikuso,” kuchaza yena. Isiqubulo salo nyaka uthe sithi #StillWePraise. Uthe bayabonga ngesasasa elikhonjiswe ngabaculi bowokholo njengoba bengaphezu kuka-300 abangenele. Uthe umcimbi wokumemezela abaqokiwe uzoba ngo-Okthoba 19.