UMLINGISI wodumo kwiGenerations, uSophie Ndaba, ukhihle isililo ohlelweni lweYouTube Channel ngesikhathi ekhuluma ngobunzima adlule kubo. Ekhuluma no-Itumeleng Sekhu-Pedi, uSophie ubebukeka engumqemane futhi nasemzimbeni esegcwele njengasekuqaleni. Uthe isifo sikashukela sibukisile ngaye emhlabeni. Uthe uphenduke inhlekisa ebantwini, ebizwa ngawo wonke amagama, egconwa nangokuthi ubhuqabhuqwa yingculazi.
Eqhuba uthe ukugula walahlekelwa yimisebenzi, waphelelwa yimali, wadlelwa izimoto nemizi. Emuva kwalokho uhlaselwe yisifo sohlangothi.
Echaza uSophie, ubeke kanje: "Ngazithola sengihlala ngedwa zwi, unyaka wonke. Kungekho ngisho izingane zami. NganginoNkulunkulu kuphela."
Uthe uqale ukwazana noMdali emuva kokumenywa ngumngani wakhe uWinnie Ntshaba, ayelingisa naye kwiGenerations, ukuba ahlanganyele nabo emthandazweni abawubamba njalo ngo-6 ntambama ezinkundleni zokuxhumana.
USophie uzishaye isifuba ngokuthi usezelwe kabusha futhi usazi kabanzi ngokuthi uNkulunkulu ngempela ukhona.
"Ngiyamdabukela osangabaza amandla kaNkulunkulu ngoba mina ngiwazi kahle," kubeka uSophie.
Uthe ngeke athi usewumqemane kodwa angathi uyalulama.
"Ngiyalulama ngoba ngisathunukala. Uma ungibona ngikhala okwazi ukuthi ngisuke ngikhala izinyembezi zenjabulo. Ngiyabonga kuNkulunkulu ngokungigcina kuze kube lapha."
Uthe uqale umkhankaso wokukhuthaza nokufukula abesifazane, obizwa nge-She Is A Wonder. Uthe ngo-Agasti 19, uzowethula ngokusemthethweni futhi kuzobe kukhona oNhlanhla Mafu, Lebo Sekgobela, Brenda Mntambo nabanye.