USOMABHIZINISI obuye abe umlingisi uConnie Ferguson, uzokhuluma ngobuhlungu abuzwa eshonelwa umyeni wakhe uShona, ngonyaka odlule.
Lokhu uzokuveza ohlelweni olusha oluzothulwa uSomizi Mhlongo, oluthi Downtime with Somizi, ku-1Magic, oluzoqala ngo-Ephreli 1, ngo8.30, ebusuku.
Kulolu suku uzohlala phansi nosaziwayo nabazokwenza into ehlukile okukhona kuyona ukujima, ukuzipholela engadini nokunye, nabazovala inkulumo yabo ngokudla isidlo esiconsisa amathe.
Kulolu hlelo kuvela ukuthi uSomizi uzobuza izinto abantu bakuleli akade befisa ukuzazi.
Kwabanye osaziwayo abazobonakala ohlelweni kubalwa uPeggy-Sue Khumalo, uNtsiki Mazwai nodadewabo uThandiswa Mazwai.
“Uma kukhulunywa ngohlelo osaziwayo abazobe beveza konke njengoba kunjalo kukhulunywa ngalolu oluzoqala nesijabule kakhulu ukuthi lube yingxenye yesiteshi sethu. Uzohlangana nalabosaziwayo asebenze omkhulu umsebenzi kuleli futhi abadumile, emikhakheni ehlukene,” kusho uShirley Adonisi wakwaM-Net.
Uthe bayazi ukuthi uSomizi uke waba nalo uhlelo lapho ehlale phansi nosaziwayo, kodwa kulokhu kuzohluka njengoba kuzoba khona umpheki, ozobanika ukudla neziphuzo ezihlukene, nozobe esethula isihloko salolo suku nokunguXolani Mancotywa.
“Kuyasijabulisa ukuqhubeka sethula izinhlelo ezintsha kubabukeli bethu, nesihlonipha ngazo izingqalabutho zakuleli zijabulela ukudla okuhlukene kwakuleli. Uhlelo olufana nalolu lukaSomizi luzohambisana kakhulu nababukeli bethu bezinhlanga ezihlukene nezilimi. Lena ngenye indlela yesiteshi yokuletha izinhlelo zezinkulumo ngxoxo,” kuchaza uShirley.
Abanye osaziwayo abazovela kukhona uT-Bo Touch noDJ Sbu emkhakheni webhizinisi, Bobby Motaung noShauwn Mkhize emkhakheni webhola u-Anele Mdoda noThembisa Nxumalo bona bazokhuluma ngokuba izelamani emkhakheni abakuwona.