USjava ubemenyezelwe kule nyanga ukuthi uzoba ngomunye wabalingisi balo mdlalo.
Kuthiwa ubeseqalile ukuqopha iziqephu zendawo abezoyilingisa kaJombigazi obekulindeleke ukuthi iqale ukubonakala kwithelevishini ngoNovemba nonyaka.
Ngenxa yalezi zinsolo kuthiwa iSABC ishaye ungqimphothwe yamhoxisa kulo mdlalo ukuvikela isithunzi sayo.
Ethintwa uSjava ulubambile ucingo lwakhe kodwa wathi uzobuye afone, ucele ukunikwa isikhashana. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engaphendulile.
Okhulumela Uzalo, uNomfundo Zondi uthe ucela kuthintwe iSABC, kube iyona ezophendula kulolu daba.
UMmoni Seapolelo okhulumela iSABC uthe: “I-SABC ingakuqinisekisa ukuthi uSjava ubenikwe indawo emfishane elingisa kuZalo, futhi izophela kahle.”
USjava ubezodlala indawo kaJombigazi esebenzisana nomlingisi odlala indawo kaMageba oyisigebengu kulo mdlalo.
Izinsolo zokuhlukumeza ngokocansi uLady Zamar, kubukeka zilokhu zimlandele uSjava njengoba kungewona umsebenzi wokuqala omlahlekelayo lo ngenxa yazo.
Nyakenye ukhishwe ohlwini lwekhonsathi i-Afropunk. Nakulo nyaka uphinde wahoxiswa kwiCape Town Jazz Festival ngenxa yesizathu esifanayo.
Ngaphandle kokuba wumculi, uSjava akamusha ekulingiseni.
Useke walingisa kwiSibaya kuMzansi Magic kanti phambilini uke walingisa emidlalweni ehlukene okukhona kuyona uGugu no-Andile.