Nokubongwa Phenyane
INTOKAZI eke yaba sematheni kungekudala nenxa yokuthi kunabathi iyabhimba uma icula, uFaith Nketsi, ithi abantu bazoyibona iqhela kancane ekubeni wumdansi kodwa igxila emkhakheni wamabhizinisi kwisizini yesibili yohlelo lwayo iHave Faith.
Isizini yesibili izoqala ukubonakala ngoMsombuluko ozayo kwiMTV Africa (DStv Channel 130) ngo-9.30 ebusuku.
UFaith uthe kumjabulisile ukuthola ithuba lesibili lokuqopha uhlelo ngoba isizini yokuqala yenza kahle.
Okunye athe kumenza aziqhenye wukuthi ube ngomunye wabesifazane bokuqala abadumile ababe nohlelo oluzokhombisa ngempilo yabo esiteshini sakwaMTV Africa.
“Mina ngidume njengomunye wabesifazane akade bebonakala eqenjini lomdanso iPro-Twerkers. Abantu baqala khona ukungilandela ezinkundleni zokuxhumana, kwase kuvuleka amathuba amaningi okuthi ngizenzele imali. Kule sizini ngizobonakala ngigxila kakhulu kwezamabhizinisi. Ngizokwethula inkampani yami yezinto zokugcoba ezehlukene iFe Beauty. Abantu bazobona ngikhula kulo mkhakha kodwa ngizohlangabezana nezingqinamba ezehlukene ngenxa yamaphutha umuntu awenzile eminyakeni edlule,” kusho uFaith.
Uthe izinto bezingelula kodwa ufuna ukukhombisa intsha ukuthi konke kuyenzeka uma nje unethemba.
“Le sizini izophinde igxile kakhulu empilweni nomndeni wami. Kukhona abantu okumele ngisondelane nabo kakhulu abasemndenini wami nabangani bami bakudala,” kusho uFaith.
Uthe phakathi kwabantu azobonakala nabo kakhulu kule sizini kukhona umngani wakhe ozithwele ozobonakala ethwele kanzima ngenxa yokushiywa uyise wengane yakhe ingakazalwa.
Abanye abazobonakala ngumsizi kaFaith uma kuziwa ebhizinisini, u-Andzelo Tivani, wumfowabo kaFaith, uKabelo Nketsi, nomzala wabo, uRefiloe Nketsi owayedansa noFaith.
UMonde Twala, wakwaViacomCBS Networks Africa, uthe kuyabajabulisa ukubuya kohlelo olusungulwe eNingizimu Afrika olukhombisa umuntu osemusha efeza izifiso zakhe.
Uthe bazimisele ngokuqhubeka bakhombise izinhlelo ezenziwe eNingizimu Afrika ngoba bayazithakasela ababukeli.