UMLINGISI womdlalo ohamba phambili kuleli Uzalo, uNkanyiso Makhanya, odlala indawo kaNjeza, uchitha amahebezi okuthi uyashiya kuwo.
Kuke kwasabalala imibiko yokuthi uNkanyiso uyashiya kulo mdlalo ngenxa yeholo elincane. Engxoxweni ekhethekile nephephandaba uwahlabe wawahlikiza amahebezi, wathi angamampunge.
Uvele wathuka ngenkathi intatheli imbuza ngemibiko esabalele, wathi akakwazi lokho. Uthe ngokwazi kwakhe, usazoqhubeka abe ngomunye wabalingisi bomdlalo okhonjiswa kwiSABC 1 njalo kusihlwa phakathi nezinsuku ngo-8.30.
“Akulona iqiniso lelo. Kumanje ngikhuluma nawe nje, ngisezindlini zokuqopha umdlalo. Lokhu okhuluma ngakho angikwazi ukuthi kuqhamukaphi,” usho kanje uNkanyiso.
Mayelana namahebezi okuthi akagculisekile ngomholo, nakho futhi lokho uthe kungamanga. Ngokwengqikithi yomdlalo, uNjeza usavalelwe ejele ngecala lokuhlukumeza obeyintombi yakhe uNosipho (uNompilo Maphumulo).
Okhulumela Uzalo, uNomfundo Zondi uwachithile amahebezi wathi ngokwazi kwakhe, uNjeza usengomunye wabalingisi.
“Ngokwazi kwami uNjeza usekhona kuZalo, kumanje umatasa uyashutha. Yize elingisa kodwa kukhona okunye amatasa ngakho eceleni okungenzeka ukuthi abantu badidwe yikhona,“ uchaze kanje uNomfundo Zondi.