UMANGAZE abaningi umculi wakuleli uZandile Khumalo-Gumede ongudadewabo kaKelly Khumalo enuka umama nonkusikazi kaSenzo Meyiwa engxoxweni ekhethekile abe nayo nesiteshi sikamabonakude.
UZandie ungomunye wabantu ababekhona ngesikhathi kudutshulwa uSenzo Meyiwa uthe inkosikazi kaSenzo Meyiwa uMandisa Mkhize naye kumele aphenywe.
Le ntokazi engumculi ikhombe uMandisa nonina kaSenzo ebuza ukuthi kungani bona bashiywa ngaphandle kuleli cala eselidonse iminyaka.
Uthe kuyabamangaza ukuthi kusukela ngesikhathi kubulawa uSenzo, yibo bodwa abalokhu besolwa ngokuba nolwazi ngokubulawa kukaSenzo.
“Kwesinye isikhathi uma kubulawa umuntu, izinsolo zibhekiswa kunkosikazi wakhe. Kungani amaphoyisa engambheki uMandisa?” kubuza uZandie.
Uqhube wathi, amaphoyisa amyekelani unina kaSenzo amaphoyisa ngoba kukhona isikhathi lapho wake washo khona kumabonakude ukuthi wayalela uMandisa ukuthi athole isichitho, asifake kuKelly ukuze kuzophela yonke lento ayenza noSenzo.
“Akabizwa ngani naye azophoswa imibuzo?” kubuza uZandie.
Ephawula kafishane oluyilingu lomndeni kaSenzo, uMnuz Sfiso Meyiwa uthe: “Ngeke silokhu siqophisana nabo. Lento abayishoyo umbhedo. Ubuluhlaza lobu ababushoyo ngoba iqiniso bayalazi.”
Imizamo yokuthola uMandisa ayiphumelelanga.